SIHLE isipho sencwadi ngoba kasiboli futhi nolwazi oluthala khona luhlale lubalulekile. Ngeke uzisole ngokuthengela abathandiweyo bakho izincwadi njesipho sikakhisimusi esitolo sakwa-Exclusive Books.
Kusukela ngoNovemba 1, kuya kuDisemba 31, abakwa-Exclusive Books babophele uhlu lwezincwadi ezixubile kusukela kwezamanoveli, ezemidlalo kuya kwezokupheka.
Phakathi kwezincwadi ezididiyelwe ngabakwa-Exclusive Books, kubalwa neyengqalabutho kwezokupheka uZanele Van Zyl. Lo mpheki unabalandeli abathakasela ikhono lakhe lokubonda ibhodwe nezibiliboco azixubayo.
Siyazi ukuthi abupheleli ubumnandi nemfundumalo yokuba nomndeni ngesikhathi sikaKhisimusi uma kungekho ukudla okwehla esiphundu.
Phela abantu abakuthi mbibi ukudla okubi! Okusemqoka kakhulu wukupheka ukudla okuzojatshulelwa ngabantu abaningi futhi okungadli kakhulu ephaketheni.
UZanele Van Zyl, udidiyele amaresiphi awu-100 okudla okumnandi futhi okuzothokozisa wonke umuntu ekhaya. yincwadi yesithathu lena eekhishwe nguZanele ethi Senidlile kodwa? Have you eaten yet?
Akasiyena umafikizolo kwezokupheka uZanele futhi useke wahlabana ngezindondo ezehlukene kwezebhodwe. Kukhona lapho echaza ngokukhuliswa ngabazali bakhe kanye nodadewabo abahlanu, nomfowabo.
Uthi babebasa izinkuni kuphekwe amadombolo, inkukhu yasemakhaya, ujeqe, isitambu nophuthu neklabishi. Uthi babedla bangasiniki esingaboni!
Nalapha encwadini uxube amaresiphi okudla kwesintu nokwesimanje futhi anezithako ezitholakala kalula. Ungakhipha unyawo ngamaresiphi kaZanele ngoKhisimusi futhi kulula uthola incwadi yakhe kwa-Exclusive Books.
Ziningi zincwadi ongazithola kwa-Exclusive Books : https://www.exclusivebooks.co.za/