NAMUHLA sikhumbula usuku olubuhlungu emlandweni weNingizimu Afrika ekhululekile lapho kwehla khona isibhicongo sokubulawa kwabavukuzi abangu-34, basemayini iLonmin, eNorth West, ngo-Agasti 16, 2012.
Minyaka yonke nxa kukhunjulwa le nhlekelele bekuhlale kunesililo esisodwa, sokuthi akukho muntu owaboshwa wagwetshwa ngokwenzeka. Lokhu bekubukeka njengehlazo ngoba kwenzeka ezweni lapho kwaziswa khona amalungelo abantu futhi elinomthetho.
Nokho-ke sekubuye inhlansi yethemba emindenini yabagilwa, njengoba ngenyanga edlule kuqale ukuqulwa kwecala lamaphoyisa asolwa ngokubulala abavukuzi.
Amaphoyisa aboshwa ngoMashi 15, 2018 ase ekhululwa ngebheyili yinkantolo.
Emaphoyiseni akhalelwa ngamasongo kaSingonyela kukhona nowayeyiphini likakhomishana wamaphoyisa eNorth West, osathatha umhlalaphansi, uMajor General Mzondase William Mpembe (61).
UMpembe usolwa ngokubulala oMnuz Sello Lepaku, Thembalakhe Mati‚ Hendrick Monene noSemi Jokanisi.
Kubikwa ukuthi nguye owayeqaphe ukusebenza kwamaphoyisa abalelwa ku-70 avimba abavukuzi ababekade bemasha besuka eWonderkop beya eKaree, eMarikana, beyomisa ukusebenza.
Kuthiwa uMpembe uthweswe amacala amane okubulala, ayisithupha okuzama ukubulala nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
UMpembe uquliswa noLieutenant Colonel Salmon Johannes Vermaak (59) naye osesempeshenini.
Akhona namanye amaphoyisa abhekene namacala okubulala uMnuz Phumzile Sokhanyile owayengumvukuzi.
Siyaqonda ukuthi luselude ukhalo ekuqulweni kwamacala futhi kusengenzeka noma yini. Kepha ukuqalwa kwawo kuvukuza inhlansi yethemba kwabashonelwa ngokwenzeka kobulungiswa yize kwasala abafelokazi nezintandane ezibhuqwa yindlala.
Sigqugquzela ukuthi njalo uma kukhunjulwa isibhicongo saseMarikara kugcizelelwe ukuthi akufanele iphinde yenzeke inhlekelele efana naso ezweni lethu.