PHAKATHI kwezingqinamba abhekana nazo esakhula uRassie Erasmus, wukucwila kukayise ezinkambeni zikaFaro. Udalula ukuthi kwamkhubaza empilweni.
URassie weneka okuningi encwadini ethi Rassie: Stories of Life and Rugby, ebhalwe nguDavid O'Sullivan, yashicilelwa yiPan Macmillan.
Iphume ngesikhathi esihle incwadi kunesasasa lomqhudelwano wamazwe awu-20 koweNdebe yoMhlaba ebholeni lombhoxo. Kusobala ukuthi umqhudelwano uvukuze ugqozi ebantwini abathanda ezombhoxo ngoba abanye bathathe amapeni bacikoza. Yilokho okwenziwa nguRassie encwadini kanti akayedwa, uNick Mallet ulobe eyakhe ethi Insights into the Rugby World Cup.
URassie ongumqeqeshi wamaBhokobhoko, uyavuma ukuthi uwenzile amaphutha ngendlela abeziphatha ngayo ethanda nokujuxuza kuze kuse ezindaweni zokuzijuxuza (night club). Uthi waziwa ngokuthi unekhanda eliqinile kepha akazisoli ngoba usuke elwela into ayithandayo, ezombhoxo.
Uchaza ingqayizivele yokumenywa nguLuis Luyt ukuba ajoyine iqembu iGolden Lions, uthi lokho kwashintsha implio yakhe ngoba wayeqala ukuhola uR860 000. Ngokusho kwakhe kwakumele athole imvume kunkosikazi wakhe, uNikki.
URassie ubhala kanje ekhasini 47: "Ngashayela uNikki ucingo, ngamtshela ukuthi nginoLuis Luyt, wavele wathi 'Ooooo, namanje usagqabashiya yonke indawo futhi... ungakhulumi amasi... wena." Ngamtshela ukuthi ukuthi ngizohola uR860 000. Wathi kulungile kuzomele senze icebo."
URassie waziwa ngokuba nenkani uma ekholelwa kokuthile futhi akaphiki. Ekhasini 81, uchaza isizathu sokwenqaba kwakhe ukuba ngukaputeni wamaBhokobhoko.
"Ngiyakhumbula uNick ethi ungakwazi ukuba ngukaputeni? Ngangineminyaka ewu-26 futhi ngangingenamdlandla ngakho nganqaba ukuba ngukaputeni"
Ubalula ukujabha kwakhe ngesikhathi ehlangabezana nembibizane futhi egxekwa ngo-2018, ngemuva kokuqoka uSiya Kolisi, ukuthi abe ngukaputeni wokuqala omnyama wamaBhokobhoko. URassie uthi wazibuza ukuthi kungani egxekwa ekubeni ezama ukuletha ushintsho eqenjini lesizwe? Uthi ngemva kwezinyanga eziwu-16 eqoke uKolisi, banqoba ngo-2019 iNdebe yoMhlaba, yilapho ahlabeka umxhwele futhi wazishaya isifuba ngokumqoka kwakhe.