ISIHLOKO SENCWADI: The light we carry: overcoming in uncertain times
UMBHALI: Michelle Obama
ABASHICILELI: Viking
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
ITHOLAKALA: Exclusive Books
"UBARACK wayengenaso isikhathi sokudlala. Wangitshela zisuka nje ukuthi ufuna sizwane futhi akanaso isikhathi sokujola. Yilokho okwangihlaba umxhwele ngaye. Wayazi ukuthi ufunani futhi ezimisele ngokuthi sibe nobudlelwano obuzocacisa ngekusasa lethu," ngamazwi kaNkk Michelle Obama.
Encwadini ebhalwe nguMichelle ethi The Light we carry: overcoming in uncertain terms, uchaza kabanzi ngezimfundiso azithole empilweni kusukela esemncane. Uchaza ngomndeni wakhe wakwaRobinson, ukukhuliswa kwabo nomfowabo, uCraig.
Ingqikithi yencwadi igxile ekutheni naye akanalo lonke ulwazi ngempilo futhi naye uyafunda kwabanye abantu. Lokhu ukusho ngoba uvamise ukuthola izincwadi eziphuma kwabanye abantu zicela izeluleko kuyena ngezothando, ezemfundo nokunye. Ulandisa kabanzi ngezinselelo ezihlasela abantu abehlukene noma yikuphi kepha uyagcizelela ukuthi njalo empilweni yomuntu, kuhlale kunenhlansi yethemba noma ngabe kunzima kangakanani.
Phakathi kwezingqinamba ake abhekana nazo, ubalula ubunzima obumhlasele esengunkosikazi kamengameli wase-USA, engumama wezingane ezimbili zamantombazane, engumuntu wesifazane omnyama okhulele e-USA, eyingxenye yomphakathi wabamnyama eMelika.
Ekhasini 123 uchaza ngokubaluleka kwabangani abaqotho futhi abawusizo empilweni.
"Ngesikhathi ngishada nomlingani wami onomsebenzi omphoqayo ukuthi asebenzele kude nasekhaya izinsuku ezimbalwa, ngangesekwa ngabangani bami, ikakhulu labo ababenezingane ezazithanda ukudlala nezingane zami. Sasisizana ngokuhambisa izingane ezikoleni uma ziyofundela ukudansa noma ukubhukuda."
UMichelle uthi phakathi kwezinqumo ezinzima ake azenza empilweni, wukuvuma ukuthi umnyeni wakhe angenele umbango wezepolitiki. Uthi kwakunzima ukuthatha isinqumo esashintsha impilo yabo bengumndeni. Waba nokwesaba nokudideka ngesikhathi uBarack emtshela ngesinqumo sokungenela umbango wesikhundla sokuba ngundunankulu wase-USA. Kepha wathi uzokwenza lokho uma evuma uMichelle.
"Ngangazi kahle ukuthi uBarack ufuna ukuba ngumengameli wezwe. Nganginesiqiniseko sokuthi uzokuba ngumengameli oqotho. Kepha mina ngangiyithandi impilo yezepolitiki. Ngangithanda umsebenzi wami. Ngangizibophezele ekutheni nginakekele uSasha noMalia ngokuthula. Ngangazi kahle futhi ukuthi sizogxekwa ngabantu abantu abaningi. Awuthi ngikutshele, lokho kwakungisabisa,“ kuchaza uMichelle ekhasini 61.
Ngemva kokuphuma komyeni wakhe esikhundleni sokuba ngumengameli wase-USA, uMichelle usebhale izincwadi ezimbalwa okubalwa ethi Becoming ne-American Grown. Zisize uzithengele le ncwadi ngoba izokusiza kakhulu ngamasu okubhekana nezinselelo zempilo, ngisho nomndeni wakho uzozuza kakhulu ngokuyifunda.
Zibeke ethubeni lokuwina ivawusha ongayisebenzisa ezitolo zase-Exclusive Books. Thumela igama elithi "ISOBOOKS" ku-33258, i-SMS ibiza R1.50. Abawinile bazokwaziswa ngocingo. Umncintiswano uzovalwa kusasa ngo-8 ekuseni.