Incwadi: Catch me a killer: a profiler’s true story
Umbhali: Micki Pistorius
Abashicileli: Penguin Books
UNGAFUNGA ukuthi ubuka ifilimu yezigebengu, abadlwenguli nomalugaju, uma ufunda incwadi elotshwe nguMicki Pistorius. Nguyena owasiza amaphoyisa ukuthi akwazi ukucupha, nokubopha omalugaju abehlukene ezweni.
Yize incwadi ishicilelwe okwesibili ngo-2023, namanje kuyethusa ukufunda ngemikhuba eyenziwa ngabantu ababulala bephindelela. Kepha, incwadi iyaheha okwenza ukuthi uqhubeke nokuyifunda ngenxa yokulangazelela ukuthola ulwazi nomnyombo wezigameko ezenziwa ngababulali.
Umlobi uthi omalugaju bacuthela uhlobo lwabantu olucishe lube nezimpawu ezifanayo. Abanye basuke benenzondo, abanye bahlukunyezwa bese bancane, abanye behlulwa ukulawula inkanuko bese beyadlwengula, babulale izisulu zabo.
UPistorius uke waqala ukusebenzisana namaphoyisa akuleli ngesikhathi befuna umkhondo kamalugaju owayebulala abafana eMitchells Plain, owayebizwa nge-station strangler.
Incwadi ethi Catch me a killer: a profiler's true story, ikwenza uhlolisise ukuthi ngabe uvikeleke kangakanani wena nomndeni wakho. Ngo-1994 kwaboshwa uthisha uNorman Afzal Simons, owayedlwengula futhi ebulala abafana abancane. Kuthiwa waqala ukudlwengula, nokubulala izingane zabafana ngo-1986, kanti eminye imizimba yatholakala isibole kakhulu sekunzima ukuthi kwenziwe uphenyo.
Umlobi uthi umsebenzi wakhe wwawunzima futhi umenza acabange ngomalugaju kuze kube nzima ukuphila kahle nomnyeni wakhe. Bagcina bedivosile.
Ekhasini 26 uMicki uthi “Ngobunye ubusuku umnyeni wami wangithola ngiphafuza ugwayi. Ngiqwashile. Ngamtshela ukuthi kunendoda esanganayo engicabanga ngayo.”
Ngokusho kukaMicki, oneziqu kwezokwelapha nokweluleka abantu kwezengqondo, omalugaju bavamise ukwenza izinto ngenhloso yokuziphindiselela kulokho okwake kwenziwa kubona. Uthi wasiphikisa isicelo sikashwele esasenziwe nguNorman Afzal Simons kepha wamangala uma ekhishwa ngoshwele ejele ngoJulayi 2023.
Esinye sigameko achaza ngaso senzeka eDonnybrook, lapho uMhlengwa Zikode, wayecuthela abantu emizini yabo bese egulukudela ngaphakathi, abulale owesilisa uma ekhona bese enukubeza owesifazane.
UMicki ulandisa kabanzi ngomunye umalugaju owayebizwa ngePhoenix cane killer, owayesebaqedile abesifazane ngokubalutha bese ayobabulala emhlangeni ePhoenix.
USipho Mandla Agmatir Twala, waboshwa ngoSepthemba 1997, KwaMashu. Wagwetshwa iminyaka ewu-506 ngoMashi 1999, ngamacala okubulala abesifazane abangu-17, ukudlwengula abangu-16 nokuzama ukubulala oyedwa kepha kosolakala ukuthi wayeqale ngo-1994 ukubulala.
Abasalanga nabanye oDavid Selepe owayebizwa ngeCleveland serial killer, owaboshwa esebhace eMozambique. Yize ulwazi oluqukethwe yincwadi lushaqisa kepha luxwayisa ngobungozi bokwethemba abantu.
Ngokusho kukaMicki kunempethu eyenza ukuthi abantu babulale bephindelela kepha lokho akubanikezi igunya lokwenza njalo. Uthi akwamukelekile ukusebenzisa izigameko ezenzeka kubona njengesizathu sokubulala ngoba bethi bayaziphindiselela.
UMicki ongudokotela kwezengqondo uthi umuntu ohlukumezekile angalapheka ngaphandle kokuthi abulale noma adlwengule abanye ngoba ethi kwenziwa kuyena.
Weluleka ngokuthi kusemqoka ukuthi siqaphele izimpawu zomuntu uma enza okuphambene nomthetho ngoba kungenzeka kube ngumfowenu, ngumyeni wakho ngisho indodana yakho uqobo.
Zonke izincwadi ziyatholakala kwa-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za