UMSAMO: INGONO NENKABA
Kunezinto obekuthi uma siziphupha sisakhula sitshelwe ukuthi zisho ukuthini. Namhlanje sisakholelwa kulokho noma sesikuphupha siqhubeke nokuthi uboniswa ukuthi. Lokhu kuvamise kakhulu emaphusheni athinta izilwane izehlakalo imicimbi nokuningi. Bekuthi uma umuntu eke waphupha amanzi acwebile uzwe kuthiwa kukhona ozokhulelwa ekhaya, Uma uphupha umshado isifo leso, kukhona ozoshona ekhaya. Uma uphupha umlungu isichitho esikhulu leso, kanti wathuka uphupha inyoka noma inja isitha esikhulu leso. Uma uphupha inyoka kumbe inja ikuluma kuthiwa kukhona izitha ezizokuhlasela zikunqobe. Bekwenzeka lokhu hhayi ngoba abasemandulo bebengenalwazi kodwa bekungukuthi abantu abakwazi ukuchaza amaphupho bambalwa kakhulu futhi kuyisiphiwo njengalokhu kusenzeka nanamhlanje. Baningi abantu obezwa bezama ukuchazela umuntu iphupho kodwa asho ngele ndlela yena acabanga ngayo ekugcineni kugcine kube nokudukiseka.
Akwehlukile lokhu nasekuboneni izilwane ezithizeni zingena ebaleni kumbe ekhaya noma endlini bese kushiwo okushiwoyo ngokucabanga kwalabo abasuke beqonde abafuna ukukusho. Ngizobalula izilwane ezifana nemvukuzane eke ibelesele ekhaya igubha kugcine kuthiwa uyathakathwa, kufanele kubethelwe, kuvele ishongolo, kuthiwe isitha, kubonakale inyoka encane emnyama noma emhlophe kuthiwe isitha. Ngisho isikhova imbala uma sikhala ebaleni kokunye sibonakala sihlezi phezu kwedlu kuthiwe isitha uyathakathwa kanti kujulile kunalokho.
Ngilwenzile ucwaningo olunzulu ngokuhamba ngicwaninga njengomuntu okholelwa kulona nowathola iziqu anazo ngocwaningo nokutshelwa ukuthi konke okudidayo kufanele kucwaningwe. Okwesibili ucwaningo oluzenzekela lona esigodlweni eMlambomunye ngokulandelela abantu amaphupho nezibonakalisho abafika nazo bese senza okufanele sikwenze ekugcineni konke kuveze okungekhona lokhu ebesilokhu sikholelwa kukhona ngamaphupho. Nginabafundi abayisishiyagalombili abenze iziqu zobudokela engibasizayo nengihola umsebenzi wabo (supervising) ezifundweni ezicwaninga ngokwelapha kwesintu amaphupho izibonakaliso, izilwane, okusetshenziswa idlozi noma ithongo uma besho okuthize. Laba bafundi basemanyuvesi amabili amakhulu akuleli.
Ababili babo bazokwethweswa iziqu zabo zobudokotela enyuvesi eyodwa abebenza ngaphansi kwayo ucwaningo lolu ebengiluhola nabo, lapho bethole khona ukuthi konke abantu abakuphuphayo kusetshenziswa izinto ezithize kusuke kusho ukuthini. Engingakusho ngingathi okuye kwagqama kakhulu kulaba bafundi bobabili wukuthi idlozi noma ithongo lisebenzisa izinto ezifanayo kubantu abehlukene kodwa umlayezo ube wehlukile. Idlozi lakho kumbe ithongo lingasebenzisa ibhubesi kuwena libe lisho amandla kanti komunye lisho isitha esikhulu okufanele usiqaphele. Ekuvezeni kwabo kucace ukuthi ithongo nethongo likhuluma ngezindlela ezehlukile ngakho uma usiza umuntu ngamaphupho musa ukuthi uma uphupha ukuthi kusho ukuthi, jula ubheke kuqala ukuthi ithongo lakhe lithini ngokusebenzisa lowo mfanekiso.
Ekucwaningeni okuningi nakubantu ngokwenzeka kwezinto kuyacaca ukuthi, ukuphupha amanzi acwebile namahle kusho ukuvuleka kwezinto. Ukuphupha isibhakabhaka esicwebile kusho impumelelo, okungasho ukuthi thwasa. Uphuphe amabhayi izangoma zigida akusho ukuthi thwasa kodwa mhlawumbe kuthiwa lungiselela lowo owabalekela ukuthwasa kumbe owakuvala kumbe thenga lokho abakuvezayo amabhayi namashoba okungumuthi kuwena hhayi ukuthwasa. Ukungena esizibeni ngaphansi kwatatalagu uphume futhi kusho ukuthwasiswa hhayi ukuyothwasa kugobela.
Ukuphupha umlungu kuchaza ukuthi kungenzeka emndenini wakini kubo kamama noma kababa kukhona ababengabelungu abalithongo kuwena okufanele ulibhekele nalo. Inja iyisilwane sasekhaya , ngakho uyiphupha ikuluma kusho ulaka lolo ngezinto wena ozenzayo, uphupha udlala nayo ithongo elihle elijabulile elikubhekile. Inyoka uyiphuphe ingena endlini bacela okuthizeni kuwena ukuba ubenzele kona, kumbe basho ukuthi bakhona ekhaya. Izinyosi okunye esithola ukuthi uma zingena ekhaya egcekeni ezinye zakhele zihlezi kusuke kuyinhlanhla leyo abayilethile abadala abayohamba mhlazane wabenzela ukhamba lotshwala kumbe uma ungumuntu ongahlabi sebethi abazingele bona ngqo., Okuphawulekayo ngalezi zinyosi ukuthi azinalulaka, azilumi muntu zizihlalela lapho ziyoze futhi zizihambele zona. Uphuphe usukelwa inkomo kukhona lo msebenzi odingekayo uma ungawenzi kuzogcina kululaka.
Kunezilwane ithongo nedlozi abathanda kakhulu ukuzisebenzisa. Imvukuzane ebaleni, isikhova, nenyoka, isithwalambiza, isigcilikishi neshongololo. Kunabantu abahamba baduka emindenini, kukhona abafuna ukungeniswa baze bazingenele bona ngaphakathi egcekeni. Laba bantu ibona laba abavela ngesimo semvukuzane. Isikhathi esiningi imvukuzane uma ivukuza ubobheka ukuthi ivukuza iya ngalaphi. Kukhona evukuza isuke esangweni iqonde endlini thizeni enye iqonde esibayeni, enye ivukuze igcwale ibala. Owaduka lowo kumbe ngenkathi ningenisa abadala wasala manje usezifikele yena mathupha akusona isitha leso. Inyoka iyongena ekhaya niyishaye ngoba kakadeni inyoka siyayesaba kodwa akusona isitha ibona bazingenele bayaziveza ngabakudingayo. Isithwalambiza sihlukene kabili esiluhlaza okungogogo, izalukazi, esiluthuthu okungamakhehla. Ngakho isona esejwayelekile esingena abaningi babonge baze benze nokhamba lotshwala.
Isilwane esiyindida kakhulu isikhova. Abamhlophe abeve besikhonzile abanye baze basifuye. Asikwamukele ukuthi lezi zilwane zisetshenzisiwe ukuthi zenze okubi kithina. Kodwa ukhumbule emandulo emindenini ngemindeni kukhona labo abahamba baduka abanye badingiswa emindenini ngezenzo ezimbi abanye ngokuthakatha. Kuhambe isikhathi ozalweni abuye lo muntu owadingiswa waxoshwa, Uma esebuya usebuya ngesimo ayeyisona engumthakathi, engumoni, usebuya ngokusebenzisa isilwane isikhova. Kunomndemi oke wafika eMlambomunye lapho bekuthi uma bezohlaba kungene isikhova sihlale emsamo, kubizwe inyanga ibethele, iyothi ingaphuma sibuye futhi. Ekugcineni kwezwakala izwi lithi zigingqeni lezi zinkomo zenu ningangakangemukeli kwenziwe inhlambuluko akukho lutho okuzolunga. Balanda inyanga eyathi abathakathi, babethela, alibange lisezwakala ilizwi lathula, ngosuku behlaba, yahlatshwa inkomo kwadliwa umcimbi kwathiwa uhambe kahle, kwathi ngoLwesibili washa wonke umuzi wangqongqa, Bathi besabheke lokho kwafika isigijimi sithi owayeshisa impepho usengene ngaphansi kwemoto washonela khona lapho.
Luningi-ke ucwaningo okusafanele silwenze ngezilwane, izehlakalo, imifanekiso okusetshenziswa ithongo nedlozi lapho besuke bezama ukuziveza nokuseluleka nabo ngamaphutha abo abashiya bewenzile. Ngakho asikugweme ukuthi nokuthi kusho ukuthi ngoba sesijwayele kushiwo njalo ukuthi nokuthi. Asijule.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye: School of Umsamo Wisdom.
Gauteng Office: 010 0079 5294/5
KZN Office 087 11 00 555
Esigodlweni : 033 342 3945