UKUHLOMEKA nokuthanda ubumnandi okwenziwa yizitshudeni emanyuvesi, kuba nomvuzo omubi. Incwadi ilandisa ngezintokazi ezifunda eNyuvesi yaseZimbabwe, ezigajwe wubumnandi, umjolo, nokulahla imilenze kuze kweqe.
Le ncwadi izokwethulwa maduze ezindaweni ezehlukene zakuleli, ngokubambisana nabase-Exclusive Books, kanti iboshelwe ngaphansi kweHomebru, uphiko oluqhakambisa amaciko akuleli.
Encwadini kaSibusisekile Khumalo, ethi Sunshine and Shadows, kuhlaluka izithelo zemikhuba yezitshudeni eziziphilisa ngobumnandi ngenxa yokushoda kwenkece.
Kusukela kuVimbai, ofundela ukuba ngummeli kepha uhanqaza amadoda efuna eyodwa ezomxhasa ngamasenti. Akathandi ukuya ekhaya ngoba usola unina omncane ngokuba nenhliziyo embi. Inhloso yakhe ukuthola umuntu ozoqinisekisa ukuthi uthola umsebenzi uma eseqede izifundo zakhe.
Kukhona uNosihle, okhuleliswa yishede ekubeni uyazi ukuthi unina uyazabalaza ekhaya ngokudayisa amaqanda ezinkukhu.
URuby, oyintandokazi kayise oyisikhulu sikahulumeni. Uyise ufuna ashade nomfana kamengameli wezwe ukuze babe nekusasa eliqhakazile.
Kepha, uRuby uphila ngaphansi kwenkohliso ngoba unesinqandamathe sakhe sowesifazane futhi akafuni ukudalula lokhu kuyise onolaka.
Unyuse izinga uBusisekile futhi akaqali ukubhala incwadi ekwenza ungakwazi ukuyibeka phansi, kungaze kushe amabhodwe. Phambilini ulobe ezithi Nomaswazi, Lola’s heart, The Harvard wife nezinye.
Ziningi ezinye izincwadi ongazithola kwabase-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za