Incwadi: If I survive you
Umbali : Jonathan Escoffery
Abashicileli: 4th Estate
ZITHWALA kanzima izelamani ezimbili zabafana ezikhulela e-USA, ekubeni abazali baphuma eJamaica. Kuvamisile ukuthi kube nzima ukwamukela ushintsho yize kuyinto okufanele yenzeke. Kwenzeka kanjalo emndenini obalekela udlame ezweni lawo bese ufuna amadlelo aluhlaza e-USA.
Kuqubuka impi eKingston, bese abashadile okunguTopper noSanya, bethatha amasakana abo bafudukele eMiami. Inhloso yabo wukuphembela izingane zabo ikusasa eliqhakazile. Yize i-USA ituswa ngentuthuko, ngemfashini kepha bayakhohlwa abaningi ukuthi isasele inhlese yokucwaswa kwabantu abamnyama. Yilapho izelamani okunguTrelawny noDelano, zihlangabezana khona nembibizane ngenxa yempatho eziyitholayo ekubeni zihlala ezweni lombuso wentando yeningi.
Yize abafana bekhulele eMaimi, bavamisile ukuvakashela eJamiaca, inkinga yabo wukuzibona bengamukelekile nxazonke. Esikoleni, emphakathini, emdenini, babuzwa ukuthi baluhlanga luni?
Kuthi uma izelamani ziqhathanisa impilo yaseJamaica, zibone kufanele ngabe ziphila kangcono e-USA, ezweni lesethembiso kepha zifikelwa wukuzenyeza ngobuzwe bazo. Kujwayelekile e-USA ukuthi abantu baxube izinhlanga ezehlukene baze badideke ukuthi yiluphi okumele babe yilo.
UTrelawny ubuza kunina ukuthi "Ngabe sibamnyama mama? Acikeke unina athi, “ukhokho kayihlo wayeyiJuda, ugogo wakhe wayengum-Irish kanti umkhulu wakhe wayengum-Arab. Ufuna ngithini ngempela? Kuphendula unina ngokunengeka.
Uyaphoxeka umfana uma uyise ezethula ekilasini abese echazela abafundi ukuthi wenza msebenzi muni.
"Babuza ukuthi ubaba uyasazi yini isiNgisi? Hhawu, ingani ubekhuluma isiNgisi phambi kwabo? Kungani kufanele ngivikele isithunzi sikababa esikoleni ekubeni ngingayiboni inkinga ngokukhuluma kwakhe isiNgisi?
Ngeminye yemibuzo exova uTrelawny umoya futhi azizwe engazi ukuthi uzokwenza kanjani
Yinoveli exwayisa ngezinselelo zomndeni ozama ukuqala kabusha kwelinye izwe kepha uhlangabezana nembibizane. Kuthi uma izinkinga zifika zilandelana futhi umuntu ngamunye esezitshela ukuthi usephunyukile kuvele okunye. Umyalezo wencwadi uthi uma ngikwazi ukuphunyuka kulokhu engibhekene nakho, cishe ngizokunqoba nokunye okuzayo.
Ziningi izincwadi ezitholakala e-Exclusive Books, https://www.exclusivebooks.co.za