UMBHALI: Samukelo W. Dlamini
ABASHICILELI: Sanqo Media
IBOPHELE iqoqo lezinkondlo ezithinta izigameko ezenzeka emphakathini. Kunezinkondlo ezitusa ubukhulu bukaMvelingqangi,ezigqugquzela ubuntu kanjalo nezikhalima abantu abanxanxathayo empilweni.
UDlamini ukhuza umhlola ngendlela abantu asebekhohliwe yinqubo efanele yokuphila nokuphilsana emhlabeni.
Kunenkondlo ethi, Umhlaba uyahlaba ekhasini 5, umlobi uxwayisa ngempilo enzima.
"Yebo, sekuyosiza uSmakade uma kunje,
Khona kwenziwa nja' uma kunje?
Izinkinga zithe "bhe"
Zikhula njalo ngokukhula komuntu,
Ukuthi ziyophela nini, akwazi muntu
Bhek'abusekho ngish'ubuntu!"
Kujwayelekile ukuthi umuntu bhale inkondlo ngabazali, nomlobi uhlonipha unina wakhe uMaShoba ngenkondlo ethi, Ngiyabonga mama.
Usebenzise ulimi lwesiZulu oluzwakalayo kepha alikho isoka elingenasici. Kunamanye amagama ahlanekezelwe encwadini, sethemba ukuthi ngokuzayo bayoqaphelisisa abahlaziyi nabahleli bencwadi. Kusemqoka ukuthi uma ungumlobi usebenzisane nabahlaziyi abehlukene ukuze uthuthukise ulwazi nolimi.