ISIHLOKO SENCWADI: Magic: Desiree Ellis
UMBHALI: Luke Alfred
ABASHICILELI: Pan MacMilllan
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
ITHOLAKALA: Exclusive Books nezinye izitolo
NGEKE uphelele umlando webhola likanobhutshuzwayo labantu besifazane eNingizimu Afrika, uma uDesiree Ellis, engekho kuwona.
Encwadini ethi Magic: Desiree Ellis, umbhali wencwadi uLuke Alfred, ulandisa ngokufezeka kwephupho lakhe. Uchaza ngokubunjwa komqeqeshi ngesikhathi esadlala emigwaqweni yaseSalt River, eKapa.
Umbhali udalula ukuthi kusukela ekuzalweni kukaDesiree, abazali bakhe babemthatha njengane efika nezimangaliso. Lokhu kungenxa yokuthi uDesiree, wake wahlala isikhathi eside esibhedlela ngemva kokuzalwa ngoba wayexinekile empilweni, yingakho bakuthatha njengesimangaliso ukuzalwa nokukhula kwakhe. Kanti uzogila izimanga kwezikanobhutshuzwayo kusukela edlala ibhola nabafana emigwaqweni yaseSalt River, kuya ekuholeni iqembu lesizwe labantu besifazane.
Konke kwaqala eneminyaka ewu-15, edlalela i-Athlone Celtics, lapho wayegila izimanga ebholeni.
Kumanje ungumqeqeshi weBanyana Banyana, edlala emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba, oqale ngoJulayi 20. Uneminyaka ewu-30 eyibambile kwezikanobhutshuzwayo futhi usemele izwe emidlalweni ewu-32.
Ubalula ukuthi iqhinga likaNeil Tovey, laqinisa ukhakhayi lweBanyana. Uncoma uVera Pauw, ngokumcija.
"UVera wayengasineki kepha ngenxa yolimi isiDutch, ngesinye isikhathi sasigcina sesihleka ngoba wayephambanisa izinkomishi uma ehumusha isiNgisi," kusho uDesiree ekhasini 120.
UDesiree uthi ukuhola iBanyana okokuqala ngqa engumqeqeshi ngo-Okthoba 2016, wusuku olubalulekile empilweni yakhe, lapho bashaya i-Egypt ngo-3-0.
Kuningi ongakufunda ngezimanga ezenzeka empilweni kaDesiree nakwezikanobhutshuzwayo. Ungaphuthelwa yizincwadi ezintsha zakwa https://www.panmacmillan.co.za