KUNABANTU okuthi uma lishona ilanga babikelwe ngoba ubuthongo ngeke behle, ubusuku bonke. Uma bethi bayalala kufike lokho kucindezeleka kwansuku zonke. Umuntu uyopaquza ebusuku yingcindezi angazi ukuthi ingabe ivelaphi.
Kungagcini lapho, kuthi khona manjalo kube khona izinto ezihamba phezu kwendlu alele kuyona, nakhona kungaqondakali ukuthi ngabe yini ngempela. Usezophuma eyofuna usizo, afike impendulo ibelula, kuthiwe ukucindezeleka kubangwa yisilwane anaso okufanele siyogezwa, okokugijima phezulu endlini kuthiwe nakho yisilwane kufanele kubethelwe.
Kokubili lokhu kunezimpendulo ezilula ezisheshayo, ukuthi isilwane kanjalo nokuthi kubethelwe ngoba kukhona laba abakuthumela ngokuthizeni, kumbe igceke lilula kaliqinile, kufanele kuqiniswe. Kuzokwenziwa kokubili kodwa kujike kudlange kunakuqala. Yilapho usuyophuma ungena. Kuthi noyofika afike aphike okwenziwa phambilini, athi akwenzekanga kahle kufanele akuphinde futhi, nebala akuphinde nakhona kube nhlanga zimuka nomoya.
Ziningi-ke izimbangela zalokhu. Ake siqale ngokucindezeleka. Ukucindezeleka isikhathi esiningi kusuke kungesona isilwane kuphela ngoba umbuzo uthi size sinicindezele nibe baningi kangaka bavelaphi laba bantu abanithumela ngezilwane? Ukucindezeleka kwenzeka ngezindlela eziningi ezehlukene.
Uma kumama wakho kukhona ingane eyaphuphuma, kumbe ayikhipha bese wena welama leyo ngane, noma kanjani leyo ngane izobuya ngawe ngoba izibona yalahlwa; ngakho iza kuwena ngoba ungudadewabo noma umfowabo ukuthi nayo yamukeleke ekhaya ithandwe njengawe.
Kokunye kunengane eyashona isike yaphila kodwa ngezizathu ezithizeni ingenzelwa lutho, ayizokuya kunina kodwa izokuza kuwena ikhale lesi sililo ngokukucindezela ebusuku ifuna ukuba uyisize.
Omunye angabuza kuthi ayiyingani kunina noma kuyise. Ngeke iye kulabo ngoba ibona wena njengabandawonye, ngakho kufanele ikhalele kuwena. Abantu besifazane abaningi namhlanje nangokuvunyelwa uMthethosisekelo ziningi izingane abazikhiphayo kanti umuntu kuzokuthi engasazi atholane nowesilisa ozokuzimisela ngaye ukuba amthathe abe ngumfazi.
Kulapho kufanele kuphume khona iqiniso lokuthi: ngake ngakhipha isisu, kumbe ngake ngaphuphunyelwa yisisu. Lokhu kusemqoka ngoba nizokuthi uma senishadene senithola izingane, leyaya ngane izobuya noma kanjani uma ingasayi kunina seyidumba oyedwa ezinganeni zenu, kumfana noma intombazane, isifika kabuhlungu ngokumcindezela ebusuku bese sigijima njengenhlanlayenza sithi yisilwane.
Okwesibili, ukucindezeleka kuyenzeka ngomuntu owalahlwa noma owaduka ekhaya wanganakwa. Umuntu uhambe entunta izinkalo zonke akanakhaya nabani, makhathaleni athole izihlobo zakhe bese eduna wena njengomuntu afuna kuba umsize ngokumkhulula umngenise ekhaya.
Lo muntu uzokufika ngendlakadla kuwena ebusuku akucindezele, kokunye kube yilokhu kokugijima kwento phezu kwendlu okugcina kuthiwa bethela kunemimoya emibi.
Kunabantu abangangeniswangwa ngenkathi kungeniswa abanye, kokunye bangeniswa kodwa basala emanxiweni amadala, kuthi uma sebebona leli nxiwa elisha eliyilo muzi, bazoqale bavele njengezimvukuzane ebaleni, uma kungenziwa lutho bese begcina begida phezu kwendlu. Yilapho sesiyokuthi akubethelwe kanti yithongo kumbe yidlozi.
Uma befika-ke laba bantu kumbe lo muntu uza kabi ngoba usuke ulele bese ekucindezela upaquze. Ubokubheka lokhu ngoba kuthi noma usuthi usebenzise intelezi kanokusho, wabethela kodwa kujike kube nhlanga zimuka nomoya.
Into yethongo noma idlozi uboyibona ngokuthi inganqamuki lapho uthi usebenzisa imithi. Kulapho kufanele ubone khona kuthi yinto yamabomu.
Phezu kwalokhu abanye bazithuka belala kumbe beya ocansini nabathize ebusuku. Owesifazane athuke elala nowesilisa, kanjalo wesilisa nowesifazane. Lokhu kukathathu. Okokuqala, kusuke kuyiyona leyo ngane esuke izibika kuwena eyakhishwa kumbe eyaphuphuma.
Okwesibili, kusuke kulidlozi lamanzi umndawe ngoba lona laxoshwa ekhaya ngenxa yokuphinga; ngakho noma nini uma lifika kumuntu lifika ngemfihlakalo yocansi. Okwesithathu, yebo siyakwemukela ukuthi usuke uthunyelelwe ngesilwane uqobo ubelethiswe sona.
Nakhona okufaneke kube nesiqiniseko esiphelele ukuthi yisona. Lokhu kocansi kuyasidida isikhathi esiningi ngoba sigijima sithi isilwane kanti ngabafuna ukugcinelwa nokulungiselwa izinto zabo.
Abantu abaningi namhlanje bahlushwa yidlozi lamanzi, ngebhadi kuleli laseMzansi asiliqondi futhi asikalazi kahle. Yingakho uma idlozi lizikhulumela ukuthi yenzani bese ugijima uya kumuntu, bese lisheshe liduba lizithulele.
Nalapho ungene ngephutha ekuthwaseni, othi uma umtshela ugobela ukuthi bathini abadala, bese egijima ethi akatshelwa yithwasa yena. Yingoba uyazi kahle kamhlophe ukuthi ukuthwasisa nje akufanele, uyokube esekusabisa ngokuthi uma uphuma kuyena akekho oyokusiza futhi uyokufa nokufa.
Iseluleko kukhona konke lokhu, sithi uma ucindezeleka noma uzithola ulala nomuntu kumbe ulalwa, noma kugijima izinto phezu kwendlu, musa ukusheshe uyobheka ngoba kuzothiwa yisilwane. Thatha amakhandlela amabili nendishi enamanzi ukhanyise, ubuze ukuthi ngabe wububi yini lobu obenzekayo noma yinkulumo yamabomu.
Usuyobhekisisa ukuthi wubonani ebusuku, bese uqhubeka kulokho. Okocansi, okugijima phezu kwendlu, okokucindezeleka ungananazi - buza ngale ndlela kuqala, usungaphuma-ke uma usuyitholile impendulo ngoba ekugcineni uyogeza isilwane uyoze uye kwaNjabulo Njalo, kwawena ugcine usiyilwane.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye: School of Umsamo Wisdom.
Gauteng Office: 010 007 5294/5
KZN Office: 087 11 00 555.
Esigodlweni: 033 342 3945.