UKUBA nesandla kwamabhange amakhulu ekuphazamisekeni komnotho eNingizimu Afrika kungamanyala okungamele abekezelelwe yilabo abasemagunyeni.
Ezinsukwini kusanda kuvela ichilo lokuthi inqwaba yamabhange asebenza kuleli abambisene ngomshoshaphansi wokulawula amandla eRandi ukuze kuvuneke izinhloso zawo. Lo mkhuba usube nomthelela omkhulu ekucikizeleni komnotho wezwe elivele lihlaselwe ezalo izinkinga.
Ibhange lase-Britain, iStandard Chartered, lingelinye lamabhange angu-28 aphenywa yi-Competition Commission okulawula amandla eRandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika. Lokhu bakwenzela ukuba bavunwe yisimo ekuhwebeni kweRandi.
Abe-Standard Chartered sebevumile ukuhlawula u-R42.7million ngemuva kokulwa ngabameli iminyaka ecela kweyisishiyagalombili. Elinye ibhange, iCitibank, lakhipha inhlawulo ngalo mkhuba ngo-2017. Amanye amabhange anukwayo i-Absa, Standard Bank, Nedbank, FirstRand, Investec, Standard Americas, Australia and New Zealand Banking Group, Commertz (yaseGermany), Macquarie Bank Limited (yase-Australia), Barclays, Bank of America, HSBC Bank, Merrill Lynch Pierce Fenner and Smith, ne-JP Morgan Chase.
Kuqeda amandla okuvela ngala mabhange ahlale eziveza njengongqeqe kwezomnotho kanti yingoba azi ukuthi yiwo aphethe amatomu ngokumele kwenzeke. Kuyichilo elibi nasezikhulwini ze-South African Reserve Bank (SARB) okuyizo eziyiso ekusebenzeni kwamabhange.
Asiqondi ukuthi le nhlawulo ekhishwa amabhange iyakwazi yini ukulungisa umonakalo odalekile ezweni elimnotho walo usakhula njengeNingizimu Afrika. Kuzomele izijeziso zithi ukulumela kunalokhu ngoba uma unakisisa kuyavela ukuthi inzuzo yamabhange afana no-Standard Chartered ikhule ngesivinini kule minyakana edlule. Ngaleyo ndlela u-R42.7million ufana nokuthwasulwa ngoswazi lompentshisi kulaba bakhwabanisi.
IsiZulu sithi kayinuki ingosiwanga. Nebala laba abahlala benuka amabhange ngokuba nesandla engcindezelweni kwabahlwempu kuleli basuke besemkhondweni oyiwo.