UKUVUMBUKA kabusha kwezinsolo zokugwaziswa kothisha KwaZulu-Natal, kukhomba ukuthi le nkohlakalo kayikasukunyelwa ngokuyikho yizinhlaka ezifanele.
Eminyakeni edlule, ike yadla lubi, uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo waphenya kwaphakanyiswa nezixazululo kepha okubukeka zishaywa indiva.
Ngo-2016, kwaphumela obala uthisha waseSophie Phewa Primary e-Adams, eThekwini, ngokuthi waqashwa ngo-2010 ngokugwaza. Uthisha wazijuba wageqa amagula ngoba wayesenqanyulelwe umholo wakhe. Kwahlaluka ukuthi umholo wakhe wawumiswe ngoba esexabene nowamfaka emsebenzini. Babenesivumelwano sokunika owamfaka esikoleni uR1 000 nyanga zonke. Umgwazisi wayefundisa esikoleni esifanayo futhi engumholi wenyunyana. Lokhu kwangqamisa inkohlakalo yokugwazelwa komsebenzi wokufundisa yize izinyunyana zaziqhelelanisa nale nkohlakalo.
Esigamekweni sakamuva, ngesikhathi kunomhlangano wesiShayamthetho sesifundazwe ngeledlule, ilungu le-IFP, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, liveze izinsolo zokudayiswa kwezikhala zothisha eNkongolwane Primary eHlobane.
Kusolwa ukuthi isikhala sikathishanhloko sithengwe ngoR120 000, kwathi esephini likathishanhloko sadayiswa ngoR80 000 nezinkomo ezintathu.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uveze ukuthi sewusukumele phezulu uyaphenya ngoba izinsolo ezivelayo zibucayi.
Inkinga wukuthi kugcina sekuqashwa abantu abangafanele ngenxa yokugwaza okubulala imfundo yezingane. Othisha abangenasipiliyoni baqashwa njengothishanhloko ngenxa yomgwazo.
Isixazulolu kungaba wukuthi njengoba kwakuphakanyisiwe phambilini, kuqiniswe uhlelo lokuqondisa ubugwegwe izikhulu ezihluleka ukubheka izenzo zenkohlakalo.
Kungalekelela nokuthi uMnyango wezeMfundo usungule uhlaka okuzompintshwa kulo abathengisa izikhala zothisha. Kufanele kubhekisiswe nesiphakamiso sokuthi othishanhloko bavivinywe wuhlaka olubunjwe abantu asebemnkatshubomvu kwezemfundo ngoba inqubo ekhona manje ivula intuba yenkohlakalo.