AMAPHOYISA aphakathi nembokodo nesisekelo empini yokulwa nobugebengu eNingizimu Afrika.
Ngakolunye uhlangothi, umphakathi ukhala ngokungasebenzi kahle komthetho, uthi izigebengu ziyacanasa ezweni. Ngakolunye, amaphoyisa azithola enukwa ngokuba nesandla esiqinile lapho esedubula kwasani uma ebhekene nabasolwa.
Yingakho sithi sifanele isikhalo senyunyana yamaphoyisa i-Police and Prisons Civil Rights Union (Popcru) sokuthi i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) ishaya amakhala ngokufa kwabasolwa ezandleni zamaphoyisa.
Okhulumela i-Ipid, uMnuz Robbie Raburabu, ucashunwe ngabezindaba eveza ukuthi bakhathazekile ngendlela amaphoyisa aqotha ngayo abasolwa ngobugebengu KwaZulu-Natal. Esikhathini esiyizinsuku ezingu-30 sekudutshulwe abangu-19, ezigamekweni eziyisikhombisa ezahlukene ezenzeke ngaphansi kukaMasipala weTheku.
URaburabu uthe zonke izigameko ziphenywa yilolu phiko. Ucashunwe ethi ukudutshulwa kwabasolwa ngobugebengu ngamaphoyisa kukhumbuza indlela eyayisetshenziswa ngamaphoyisa eyibhekise kubantu abansundu ngesikhathi sobandlululo.
Yile nkulumo enenge inyunyana i-Popcru njengoba ithi inobudedengu futhi ibukela phansi ukubulawa kwamaphoyisa nabantu abamsulwa bakuleli.
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, ekhuluma namaphoyisa kule ngqungquthela, ugcizelele ukuthi kumele azivikele ezigebengwini.
Kuyesinda kuyitshe ngobugebengu ngoba cishe angaba khona amaphutha emaphoyiseni uma eqhuba umthetho kodwa kuyiqiniso futhi ukuthi nawo asuke ebhekene nezimbila zithutha, ziholwa emhlophe phambili. Izigebengu kazibuzi, zishaya enyameni futhi isikhathi esiningi zisuke ziphethe ezinzima izikhali lezi.
Iningi lemiphakathi lincoma izenzo zamaphoyisa kodwa bakhona nabakhalayo ikakhulu labo abasuke belinyalelwe yizihlobo zabo bekholelwa ekutheni zibulawe zimsulwa. Itshe limi ngothi, abaholi abashintshe ukuqalaza.