MHLELI: Ngicela ungivumele siphinde sijeqeze obunye ubufakazi obahlaluka eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngesikhathi kuqulwa icala lobuholi bebandla laseBuhleni, bashiya imibuzo.
Namuhla, ngithi ake sithi jeqe ebufakazini bongoti ababeqashelwe ukuhlola isandla senkosi uThingo, esibonakala encwadini yefa nakuleyo eyisikhumbuzo sokuqoka imiSebe njengomholi waseBuhleni nobunye ubufakazi obahlaluka enkantolo. Ngiyamzwela ongalifundi Isolezwe.
Ngomhla ka-17 kuSepthemba, 2012, uMnz Michael Irving, ongomunye wongoti abahlola imibhalo, wakuqinisekisa enkantolo ukuthi kuyisandla senkosi uThingo lesi esibonakala encwadini yefa, yize kukhona 'umehluko' awubonayo.
Waqhubeka oka-Irving wathi kuyenzeka izandla zingafani ngezinye izikhathi nokuyinto ezwakalayo. Inkinga iqala uma esethi 'kungenzeka ukuthi kukhona okwaphazamisa uThingo ngesikhathi lusayina.
Kuyinkinga-ke lokhu, ngoba okokuqala, uyangabaza uma ethi 'kungenzeka'.
Okwesibili, akukho aqinisekisa ngakho inkantolo okuphathekayo nokubambekayo, njengoba ethi 'kungenzeka' ukuthi kukhona okwaphazamisa uThingo, okuyikhona okwenza ukuthi isandla singafani.
Ngangithi uMnuz Irving uzovele ayihlabe esikhonkosini njengoba ehlola imibhalo, kanti usazongabaza ngokuthi athi 'kungenzeka', okusho ukuthi wabe engenaso isiqiniseko esiphelele nokuyinto eyashiya imibuzo.
Wayengasho ngani kugcwale ukuthi 'kuyenzeka' kunokuthi athi 'kungenzeka?'
Uyazwakala futhi oka-Irving eqhubeka nokungabaza, njengoba ethi 'kungenzeka ukuthi inkosi uThingo yabe isayina ngamapeni anamakhanda angalingani. Lokhu, nakho kwakuyishiya imibuzo, ngoba iqiniso lithi: ukusayina ngamapeni anamakhanda angalingani, akusiphazamisi isandla, ngisho ngabe siyabhala.
Eqinisweni awukho umehluko ngaphandle kobuncane nobukhulu bombhalo ephepheni, uma sikhuluma ngokubhala noma ngokusayina ngamapeni anamakhanda angalingani. Yiso lesi sizathu esenza ukuthi lo ngoti naye angabaze kulokhu kuhlola kwakhe njengoba ethi naye 'kungenzeka'.
Omunye wongoti owayeqashelwe ukuhlola imibhalo, kwabe kunguMnuz Jannie Besta, naye owakhombisa ukungabaza ngenkathi ehlola isandla, njengoba elandisa inkantolo mhla ka-5 Febhuwari, 2013, ngokuthi ukungafani kwesandla esibonakala encwadini yefa kanye naleyo eqoka imiSebe, 'kungenzeka' ukuthi kukhona okwaphazamisa uThingo ngesikhathi lusayina.
Naye okaBesta, wayengasho ngani kugcwale ukuthi kukhona okwaphazamisa uThingo kunokuthi athi 'kungenzeka?' Aphinde asho futhi ukuthi yikuphi khona lokho okwakuphazamisa uThingo.
Futhi ngiyakhumbula ukuthi omunye walabo ngoti noma ngingasakhumbuli kahle ukuthi nguyena muphi lowo phakathi kwabathathu, owayishaya emumva wayishaya phambili njengoba elaxaza abaseBuhleni ajoyine abaseThembezinhle.
Konke lokhu kwakuyishiya imibuzo ngobufakazi bongoti ngesikhathi sokuqulwa kwecala.
Ungoti wesithathu owahlola isandla soThingo, kwabe kunguColonel Frik Landman, owayekuphikisa konke ukuhlola kwalabo ngoti abangenhla.
Akungicacelanga kahle ukuthi yimuphi noma yibaphi ongoti abebehlola ngokweqiniso, njengoba kwakuzwakala ukushayisana kwabo, okuhambisana nokungabaza kukho konke abakushoyo.
Yebo asinakuguquka isinqumo senkantolo kodwa, ngomhla ka-17 Novemba, 2011, uMnuz Zwelabantu Buthelezi walandisa inkantolo ukuthi kukhona nabanye ababefuna ukuketula inkosi uThingo.
Lo fakazi akaqhubeki nokulandisa inkantolo ngaleli tulo kodwa ubufakazi bakhe ngibuka ukuthi babe buhambisana nalobo obethulwa yinkosi yamaQadi, inkosi uMqoqi Ngcobo, ngesikhathi ivezela inkantolo usomqulu owawuqukethe konke ngokuketulwa koThingo, mhla zingu-22 Ephreli, 2012 enkantolo.
OkaNgcobo uyakuphinda okufanayo mhla ka-21 Meyi, 2015, ngokufakaza ngaleli tulo, lapho akubeka kwacaca khona ukuthi ngokwaleli tulo, kusho ukuthi inkosi uThingo yabe isiqoke abaholi ababili. Labo boholi, yibo labo abakulo somqulu waleli tulo.
Ngeshwa-ke lenkosi yamaQadi, awamukelwanga lo somqulo waleli tulo enkantolo.
Kulokhu, ngaba nokudlinza ukuthi cishe yilo leli tulo uZwelabantu Buthelezi aphahluka ngalo enkantolo mhla zingu 17 Novemba, 2011, kodwa wangaqhubeka nokunabela inkantolo ngalo.
Okokugcina ngci, uMnuz Chansey Sibisi, walandisa inkantolo ngenkulumo eyabe iphakathi kwakhe noMama uJoyce Maseko Shembe, iNdlovukazi yenkosi uThingo, eBuhleni. Kule nkulumo yabo, okaMaseko unikeza uSibisi incwadi. USibisi uyabuza kokaMaseko ukuthi ingeyani le ncwadi amnikeza yona?
UMama kaMaseko waphendula ngokuthi 'akukho okunye ngaphandle kwalokho okwashiwo ngubaba (uThingo)'.
Le mpendelo kaMama Maseko, yahlaba esikhonkosini kuMnuz Chansey Sibisi enkantolo njengoba ethi: “UMama wabe emnikeza incwadi okwakumele ayidlulise iye kuZwelabantu Buthelezi, eyisikhumbuzo sokuqokwa kwemiSebe.
Iqiniso engilithola kule ndawana lithi uMama kaMaseko, wabe engadlulisi incwadi eqoka imiSebe, kepha wabe edlulisa incwadi enesicelo senkosi uThingo, ukuthi ayidlulise iye kuZwelabantu Buthelezi, ukuze alungise itulo lokusayina kwenkosi uThingo ingazi.
Mhleli, ngokwami, yilona kanye-ke leli tulo aphahluka ngalo uZwelabantu Buthelezi enkantolo, mhla zingu-17 Novemba, 2011, ngesikhathi ethi: “Kwakukhona nabanye ababefuna ukuketula.”
Ngibuka ukuthi yilo kanye leli tulo lencwadi kaMaseko eyabe iqonde kulo, ukuthi uZwelabantu Buthelezi alungise yena njengommeli, ngokucisha ukusayina koThingo lungazi. Ngokwami, le ncwadi kaMama, yabe ingesiyona eyesikhumbuzo sokuqokwa kwemiSebe.
Ongagculisekile
KOLWAKWASHEMBE