ABAHLELI: Michael Cross, Logan Govender no-Ahamed Essop
ABASHICILELI: UKZN Press
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
ITHOLAKALA: UKZN Press
UMZABALAZO wenkululeko wavukuza intshisekelo yokulwela ezemfundo, ezemisebenzi, ezempilo nezenhlalakahle yabantu abamnyama.
Yilapho iSadtu yathola impande yokuthi izimele njengenhlangano elwela amalungelo othisha nezemfundo eNingizimu Afrika.
Incwadi iwumphumela wocwaningo losolwazi abathathu baseNyuvesi iJohhanesburg, abaphenyisisa ngomlando, izinhloso nenqubo yeSadtu. Osolwazi bakudalula konke encwadini ethi Sadtu and the struggle for professional unionism, ehlelwe nguMichael Cross, Logan Govender no-Ahmed Essop, kanti ishicilelwe yi-UKZN Press.
Yize iSadtu ibuye iphaphalaze ngezenzo zayo kepha isaqhubeka nokulwela amaholo agcono othisha, ukuqedwa kwezindlu zangasese eziyimigodi ezikoleni ezigcwele KwaZulu-Natal, nase-Eastern Cape.
Sesinyukile isibalo samalungu ayo ngemva kokwehla ngo-2013 sisuka ku-255000 siya ku-249 000. Kumanje inamalungu awu-261 800 ngokwezibalo zango-2021.
Ungazitholela ulwazi oluphusile ezincwadini ezikhiqizwe ngabakwa-UKZN Press https://www.ukznpress.co.za/
Girl in the Water
KUGQAMA uthando nozwelo lwezelamani zamantombazane ezikhulela e-Ukraine, uma zisiza umngani wazo oyintandane. UNastya noNadia bakhuliswa ngothando ngabazali kepha umngani wabo u-Ida, uphenduka undingasithebeni lapho kushona abakhe.
Bakhipha u-Ida, esibhedlela sabagula ngenqondo bazame ukumcathulisa ngothando empilweni. Inoveli ethi, Girl in the water, ibhalwe nguJoseph Howse, yashicilelwa yiNummist Media.
Uyajabha uNadia uma ezwa ukuthi udadewabo uNastya, ushada nephoyisa ekubeni laqala ngokweshela yena kepha ucu alwangahlangana.
Le noveli ixoxa ngabangani bezinhlanga nezinkolelo ezehlukene abakhulela e-Estonia nase-Ukraine. Badlula ezimeni ezinzima okuhlanganise ezempi edala ukuthi kuhlakazeke imindeni.
Iphinde ifundise ngezinselelo zempilo lapho abantu beguliswa yimicabango emibi, ukudideka komqond, onokukhwantalala.
Ziningi ezinye izincwadi ongazithola kwabakwa-Exclusive Books, https://www.exclusivebooks.co.za/