I-PREMIER Soccer League (PSL) isazoqhubeka nokubophela onondweba ababozayo futhi kungani ndaba zalutho yize sekucacile ukuthi indlela eya phambili idinga, i-Video Assistant Referee (VAR).
Lokhu kuhlaluke engxoxweni ebanzi nesikhulu esisesikhundleni esiphezulu kwiPremier Soccer League (PSL), nesinomlando neSouth African Football Association (Safa).
Ngenxa yobucayi bemibono yaso ethinta kakhulu ukungezwani phakathi kwePSL neSafa, sicelile ukuba lingadalulwa igama laso.
Ngaphambi kokushicilela inkulumo yaso, kumqoka ukubalula umsuka wemibuzo ebibhekiswe kuso ngamathuba okugxunyekwa kobuchwepheshe beVAR.
Okudala ukuthi abalandeli bafune ukuthi kugxunyekwe ubuchwepheshe beVAR emidlalweni yePSL, yizigigaba ezenzeke emidlalweni emithathu eziphakamise amaphaphu, abalandeli bavusa izinhlonzi zikawonkewonke.
Le midlalo ithinta ompetha beligi iMamelodi Sundowns, nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates, neKaizer Chiefs.
Kube nezikhalo ngezinqumo zonondweba ezivune ompetha beligi emidlalweni emibili yeligi, abayidlale nala maqembu.
Umdlalo osuse ukukhululuma ngowomlenze wesibili weMTN8, lapho iSundowns ibibhekene khona neChiefs.
Lo mdlalo waphela ngo 2-1, okwenza iSundowns yazidlulela kalula ukuya kwemanqamu lapho izobhekana nePirates ngempelasonto.
Kulo mdlalo kwaba neziwombe ezintathu ezasusa ukukhuluma futhi zaholela egolini noma ukube zanqandwa noma zalandelelwa, lalingeke libe khona igoli okukanye kwakuzoba nephenathi.
Lezi zigaba zimi kanje:
– Kukhona lapho iChiefs ebisusa khona ibhola enkabeni yenkundla kodwa inkentshane leSundowns, uPeter Shalulile, laphoseka esiyingini senkundla lingakasuswa ibhola.
Lesi sigameko saphetha ngokuthi uShalulile alibhajise enethini yeChiefs, ngesikhathi abalandeli besahlela izikhundla.
Umthetho olandelwa ngonondweba ngalokhu, uthi ngokungena esiyingini kukaShalulile, kwakumele umdlalo umiswe bese ibhola lisuswa kabusha.
– Isiwombe sesibili kwaba wukuthi kunikwe iPirates ifree kick, bese unozinti weSundowns uRonwen Williams, athole ikhadi elibomvu emuva kokuvimba kabuhlungu uZakhele Lepasa, owayesendaweni enhle yokuthi adlule kuye ayoshaya igoli, engaphandle kwebhokisi.
– Isiwombe sesithathu esakhalisa, ngukunganikwa kweChiefs iphenathi emuva kokuba umdlali weSundowns, uThapelo Maseko, ekhahlele uMduduzi Mdantsane ebhokisini.
UMaseko wayeqonde ukukhahlela ibhola elalikade licishwe nguye kodwa lamphunyuka labe seliwela kuMdantsane.
UMdantshane ubephakathi kwebhola noMaseko ngesikhathi ekhahlelwa nokusho ukuthi nguye owayeliphethe.
Ngokomthetho, lokho kusho ukuthi bekufanele iphenathi ibekwe, inikezwe iChiefs.
Akupheli lapho. Kukhona omunye umdlalo obuphakathi kwaMaZulu FC nePolokwane City, okwakufanele kunikwe iqembu laseThekwini, iphenathi kodwa akwangenzeka.
Le phenathi yadaleka ngokuthi unozinti weCity, aphasele isitobha sakhe ibhola besebhokisini belusasa. Isitobha salivimba ngesandla lase liliphasa emuva kunozinti futhi.
Esinye salezi ziwombe ngukuphikwa kwamagoli njengeleChippa United egcine ihlulwe ngo 1-0 yiMoroka Swallows koweligi.
IChippa yalishaya igoli kodwa umdlali wayo wajajwa ngokuba semhlabeni ongamfanele ekubeni kunomcikilisho othi, umdlali akabe esajajwa ngokuba semhlabeni ongamfanele uma ibhola ligcine ukuthinta umdlali wezimbangi ngaphambi kokuthi lifike kuye lowo ohlaselayo.
“Ngiyabezwa nje abantu bekhala ngeVAR kodwa iqiniso wukuthi eNingizimu Afrika kusazoqhubeka kube mnyama ebusweni benkawu,” kusho isikhulu.
“Masiqale lapha, yonke into ehlangene nonondweba kusuka ekuphekweni kwabo kuze kuyofika ekutheni basebenza kanjani ngokunjalo nemithetho abayisebenzisayo, kungaphansi kweSafa okuyiyo eyilungu leFifa.
“YiSafa okumele iyofaka isicelo sesitifiketi seVAR kwiFifa, yiyo okufanele icije onondweba abanele ukusebenza ngalobu buchwepheshe kodwa njengamanje asikho ndawo ngoba sinonondweba abathathu kuphela abanamabheji eFifa.
“Ngeke iSafa iyofaka isicelo isashoda ngonondweba. Ungasayiphathi eyemali ngoba iPSL ingaba nayo imali yokupheka onondweba nokufaka lobu buchwepheshe kodwa iyobe ilinikwe ngubani lelo gunya?”
ISafa ayinaso isisombululo ngokuboza konondweba ngaphandle koswazi oludala futhi olungasebenzi lokubamisa ebholeni elikhokhelayo, beyodlalisa emagili amancane ama-amesha.