IZAKHAMUZI zakuleli zisengcupheni yokungazitholi izidingo zazo ngendlela efanele kusukela ngonyaka ozayo emva kokhetho lukazwelonke. Umqulu wamalungelo oqukethwe kuMthethosisekelo unikeza igunya izakhamuzi lokuthola izidingo zazo, zilethwe ngendlela egculisayo. Lo somqulu wamalungelo okuMthethosisekelo uchazwa njengomgogodla wentando yabantu kuleli zwe.
Lo somqulu wamalungelo uqinisekisa ukuhlonishwa kwesithunzi sabantu, ukulingana kanye nenkululeko. Ngokwalo mqulu, uhulumeni kumele uhloniphe uphinde uvikele amalungelo abantu. Phakathi kwezidingo umphakathi onamalungelo azo singabala ukuhlinzekwa ngamanzi ahlanzekile aphinde aphuzeke, ilungelo lezempilo, kanjalo nelungelo lokuba nezindlu zokuhlala kanjalo nelungelo lezemfundo.
Umlando uyakuveza ukuthi kusukela ngo-1994 kuhulumeni wobumbano amalungelo abantu ahlonishiwe ngokuthi kulethwe izidingo njengoba kulawula uMthethosisekelo. Phakathi kwezinto eziwubufakazi bokuhlonishwa kwamalungelo abantu ukwakhiwa kwezindlu ngaphansi komasipla abahlukahlekene kuleli, ukwakhiwa kwemigwaqo, ukufakelwa kukagesi, ukufundisa izingane mahhala ezikoleni, ukufakelwa amanzi kanye nokunye okuningi.
Inkinga enkulu engaholela ekuphazamisekeni kokulethwa kwezidingo emva kokhetho lukazwelonkle ngonyaka ozayo ukuvumela ukuthi lingabi bikho iqembu elinamavoti enele ukubusa izwe. Lokho kungaholela embangweni wamandla okuphatha bese kuphazamiseka ukuhlinzekwa ngezidingo emiphakathini yakuleli.
Kusukela ngo-2016 emuva kokhetho lohulumeni basekhaya sibone kuqala ukubusa ngokubambisana, phecelezi i-coalition government, komasipala abasemadolobheni amakhulu kuleli. Lapha singabala omasipala abafana neNelson Mandela, iTshwane kanye nomasipala waseJohanessburg.
Kulabo masipala kubangwa amandla nsuku zonke. Lokhu kubeka engcupheni enkulu ukuhlinzekwa kwabantu ngezidingo zabo. Ukushintshashintshwa kwezimeya kanjalo nobuholi kulabo masipala kuyimbangela enkulu yokugqoza kokulethwa kwezidingo ebantwini.
Ukungabi khona kozinzo kulabo masipala ababuswa ngohlobo lokubambisana kwamaqembu kuletha ungabazane ngekusasa lezidingo ebantwini ngenxa yalolu hlobo lokubusa. Imbangela enkulu yalolu hlobo lokubusa uhulumeni ludalwa ukungabambi iqhaza ngokwanele kwezakhamizi zakuleli enqubweni yentando yabantu.
Ngikubona kungaba yingozi enkulu ukuvumela lolu hlobo lokubusa kuhulumeni kazwelonkle kanjalo nasezifundazweni. Ngibona umphakathi ulengelwa yizembe lokungazitholi izidingo zawo, kubangwa amandla ngenxa yale ndlela yokubusa.
Into engaqeda lolu ngabazane ukuthi abantu bavotele amaqembu abo ngobuningi babo ukuze athole amandla anele okubusa. Enye yezimbangela yokungabuseki ngendlela kulolu hlobo lukahulumeni inqubomgomo yawo amaqembu ezombusazwe ayifani. Iyashayisana uma sekufanele kusetshenzwe. Isibonelo, inqubomgomo ye-ANC ayifani neye-DA, IFP, EFF, njalonjalo. Lokhu kuholela ekushayisaneni okukhulu okwenza kungabuseki.
Abavoti kumele bazi ukuthi banomsebenzi obahlalele wokuvikela ukulethwa kwezidingo zabo ngendlela efanele ngokuthi bavotele amaqembu abo ngubiningi ukuze akwazi ukuthola amandla enele okuphatha angancethezi kwamanye amaqembu ukuze kutholakale izibalo ngoba lokho kudala ukudideka emphakathini.
Izibalo ezikhishwe yinhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission, zikhomba ukugqoza ekubhaliseni ukuvota okusaqhubeka nokuletha itwetwe lokuba nohulumeni walolu hlobo oluchazwe ngenhla.
Amaqembu anesipiliyoni ekuphathweni kukahulumeni okuyi-ANC, DA kanye ne-IFP nawo ayawadinga amavoti enele. I-DA ne-IFP banomlando wokuphatha ezifundazweni kuphela okuyi- Northern Cape neKwaZulu Natal uma uqhathanisa ne-ANC enomlando wokubusa kuzwelonke nakuzo zonke izifundazwe. Kodwa ukhetho oluzayo alunangqwele, kungenzeka induku ishaye imviki okukanye iyobanjwa esithe nayo.
Ndabezitha “Mkhonto“ Tenza
ISITSHUDENI SE-PHD KWI-PUBLIC AND DEVELOPMENT MANAGEMENT E-WITS UNIVERSITY: SCHOLL OF GOVERNANCE