Diye Ndunankulu,
Anginto, nanokuthi ngize ngiyabhala nje ngibhace ngehawana lobuntatheli kuleli phephandaba engicosha kulo izimpothulo zokugayela izingane umcaba.
Umqondo wokubhala lapha uwubugalakajana nje bami ngoba nginokusola ukuthi uma ngikuposela le ncwajana ayikufika emehlweni akho. Isingavinjwa yimithangala esikuzungezile njengoba seweluswe kangangokuthi nomiyane ngeke usandizela ngakuwe.
Uxole, Godide, kuvamile ukuba abaningi banengeke nxa befunda imithemelezo engiyiloba lapha kodwa empeleni kusuke kungelona iwashuwashu elikhulunywa yindoda ezisuthele amadancu nje. Ekujuleni kwenhliziyo ngisuke ngikhoselise umlayezo ongaba yimvove uma ucabisisa.
Hawu, Godide, angiqale ngokukubongela ngokungena kulesi sihlalo esimqoka kangaka sokuhola isifundazwe iKwaZulu-Natal. Kungifikele nje, wena waseMaBheleni, ukuthi laphaya ofungiswe khona ngoLwesibili ukuba uthathe isikhundla sobuNdunankulu empeleni bekuphindeka umlando wakwenu. Cishe abaningi kabazi ukuthi namuhla sikubiza ngoNdunankulu nje, akukhona okokuqala ukuthi kube no“Ndunankulu” oyiBhele. Uyihlomkhulu, oliqhawe elinomlando kwaZulu, uNdlela kaSompisi, wabe enguNdunankulu weNgonyama uDingane okuvela ukuthi isithuba esiningi wayeba sesigodlweni seSilo saseMgungundlovu.
Usomlando uSolwazi Jabulani Maphalala uyakusho nasencwadini yakhe (Izingxabo Zamakhosi Esifundazweni SakwaZulu) ukuthi inkosana kaNdlela, uGodide (lo engikuthakazela ngaye ngenhla) wazalelwa khona kwaNdongay'bomvu, naye wagcina eseyinceku yenkosi uDingane.
Ngiyaphi nale nkulumo, Ndunankulu? Thina sibuka ukuthi ezombangazwe ezikufake lapho ukhona kodwa umsizilo womlando ukhomba ukuthi hleze ekufikeni kwakho kulesi sihlalo uholelwe uhlanga lwegazi lakwenu elabe liyingxenye yombuso kaZulu ngesikhathi kumele kuthathwe izinqumo ezinqala ukuwuvikela. Ngokomlando, uNdlela wabhekana ngqo nabahlaseli bamaBhunu kwaNobamba ekhipha amabutho agila izimanga ecoboshisa isitha okuwumlando osaqoshiwe emathuneni amaBhunu aseWeenen nanamhlanje.
Ngiyilanda emuva-ke indaba, Ndunankulu. Futhi cishe uyazi kangcono ngoba eyakini kodwa ngibone kumqoka ukuba ngiyithunge kanje ukuze lo mlayezo wencwadi yami ube ngogazingiwe uwetshise ngokugcwele - ukuqonda kwakho kungapheli ekutheni ulapho nje ngomusa weqembu lakho Inkatha kanye nalawo enibonisane nawo ekutheni kwakheke uhulumeni waKwaZulu-Natal.
Yize-ke, Mhlonishwa, uqokwe ngendlela yokuhola kwamanje kodwa isihlangu othushukele kuso ngoLwesibili empeleni kwakungesikakhokho wakho uNdlela, hhayi ngokwefa laseMaBheleni kodwa ngokwethenjwa njengoba neNgonyama uDingane yethemba uNdlela.
Ngenxa yemibango yokubusa izwe - ngaphakathi kuZulu nevela ngaphandle kubaqhwagi bezwe, umlando uthi uNdlela waphatha ngesikhathi kulusica ezweni. Ukungethembani kwakukuningi nesizwe siklayeke sizingcezu. Kwakudwengulwa imfuyo yabanumzane, kushiswa amasimu kucaca ukuthi isizwe sizobhekana nenkemane, izibaya zimile imbuya ngoba izinkomo zaziyabulwa amaBhunu.
Nawe-ke, Ndunankulu, wesifundazwe ufika enhlokodolobha yesifundazwe nje isizwe simantwenguntwengu. Izethenjwa zomzabalazo wenkululeko zisembangweni, azenyanyani ungafunga ukuthi kubaswe idungamuzi exhibeni lakwabo! Abantu bachaphana ngayo yonke inhlobo yenhlamba, kuchitheka imindeni nobunswelaboya bukhungethe isizwe. Izingane seziphenduke izintothoviyane zezidakamizwa, ubusela bumi ngenhla nasezikhulwini zothayi emahhovisi kahulumeni ozowuhola.
Ngingabala ngithini, Godide? Uma ubukholelwa ukuthi ubuzimu lobu obuhlotshaniswa nokhokho bakho yinganekwane kulapho kuhulumeni obufuna ukuvuka kabusha.
Eqinisweni, uma usubhekisisa, uyihlomkhulu uNdlela mhlawumbe wayebhekene nokungcono ngoba uphaka amabutho nje yena wayazi ukuthi impi enkulu yile eyayiza namaBhunu ayesuka eKapa eza lapha kwelikaMthaniya. Ngalesi sikhathi sakho sokuba nguNdunankulu wombuso wepolitiki ubhekene nembedumehlwana engaphezu ngisho kwezinhlupheko ezanamatha amaGibhithe eziqoshwe encwadini yeBhayibheli u-Eksodusi.
Angemuki, wena waseLenge, ngingekhothuluze konke kule ncwajana. Umyalezwana wami umi lapha ekutheni nyathela kuyo imilobo kaNdlela, cishe yiyo eyokuphendlela inyathuko ngoba akuyona imfihlo ukuthi akumadede yintilibathwa kule ndima okuthiwa ihlakule. Isipani osibophele singena efusini osekuneminyakanyaka kunyanyalatwa kulo. Kunamavondwe akhona, okuzoba lukhuni ukuwafudukisa ashintshe izindlela zawo.
Khumbula isibindi sikaNdlela, Ndunankulu. Ubhekisise ubunyoningco asebenza ngabo ebe ezama nokwakha ubumbano esizweni esingxenye yaso sasingethembani ngokuphelele kulandela imibango eyayisendlini yababusi.
Phezu kwakho konke, ukwethembeka kukamnta kaSompisi kwaba yisipho esikhulu kuZulu. Nawe umlando ungakuveza njengeThamsanqa lesifundazwe esikhathini lapho ubuholi bepolitiki behlelwa yisithunzi.
Ozithobayo
Osemfanikisweni endaweni yekheli ngenhla