INGONO NENKABA
ISIKHATHI esiphila kusona namhlanje ngisibona sinzima ngoba sesiphikisa isiko, isintu nomlando esiphuma kuwona. Yisikhathi lapho wonke umuntu esekholelwa emthandazweni nasekuhambeni izinyanga zokwelapha akholelwe yilokho abatshelwa khona. Kukhona lokho, kuba khona nokuzikhohlisa okukhulu nokuphila okungekhona ngoba kasisaphili impilo yethu.
Impela, sebembalwa namhlanje abantu abasaphila impilo yeqiniso. Yikhona-ke lokhu okusidalele izinkinga ezingaka zenhlupheko nezingane zethu zingasayi phambili, umuntu athi noma esemdala kodwa aphelelwe wunembeza wokuthi ngakube lokhu engikwenzayo ngikwenzelani?
Namhlanje sesithathe ubuntu sabucula sabenza insini nenhlinini kodwa ngasese sibe sibhince okunye. Iqiniso selingamanga, iqiniso sekukholakala ukuthi lingumthandazo kumbe ukukhuluma okujabulisa abalalele. Imizi namhlanje ikhungwe wubuhlwempu.
Uthi noma esekhulile umuntu esengaphezulu kweminyaka ewu-60, kunokuba ajabulele isibusiso sokunethezeka kodwa kube imanxa eqala phansi ephuma ngejubane, egijima eyobanga nezingane ezincane efuna okokuphila. Imali yamhlula ngezikhathi zakhe.
Okwenzeka namhlanje akusho ukuthi kwakungenzeki emandulo kodwa umehluko usekutheni babekulungisa kanjani, kunenzindlela zakhona ezazilandelwa. Uma umuntu ezaleke ngohlobo oluthize kwakuhlonishwa lokho, ingane ikhuliswe ngeleyo ndlela ezaleke ngayo, yenzelwe konke okuyizimfanelo.
Umlanjwane wawaziwa ukuthi awusoze wathatha isibongo sikayise, nakuba uhlawuliwe. Lowo muntu wayeze afe ebiza isibongo sasekhakonina, nomuzi ayowakha kwakuba ngowasekhabonina, nezingane zakhe zibize isibongo sasekhabonina.
Ingane ezalwe ngunina olingeke waphumela ngaphandle egcagcile, kwakwaziwa indlela eyayibikwa ngayo ekhaya, ngoba kwakuba lilongwe noma lidaka lasekhaya. Ukhumbule izahlukaniso zazingekho njengalokhu sezinguchibidolo namhlanje, kwakwenziwa okwakufanele ngendlela.
Babekhona ababephuma eceleni, yebo siyavuma, kodwa kwakungandile njengalokhu sesikubona namhlanje. Umfana ekhaya wayethi uma esephuma umuzi kayise, kwaziwe ukuthi uzongeniselwa abazali bakhe kumbe abakomalume izidalwa, umuzi ubikwe ngendlela okuyiyona. Uma kwenziwa umsebenzi, kwakwaziwa ukuthi ubani oshisa impepho, baziwa abengamela izithebe zasekhaya nabahaqazela emsamo ngalolo suku lomsebenzi.
Konke lokhu namhlanje sekusezandleni zabelaphi nezangoma okuyibona asebegijinywa ngoba kukholelwa kakhulu kubona. Yibona esebehamba phambili ekudukiseni abantu. Uthi uma ugula ungumlanjwana, bathi hamba uyozihlawula uzilobole, ubize isibongo sikababa wakho. Uthi ulilongwe kuthiwe hamba ufune uyihlo umthole, uthathe isibongo sakhe.
Izona izangoma nabathandazi banamhlanje asebengenisela abantu amathongo bababikele imizi. Kuthi kwenziwe umsebenzi, uzwe umuntu ethi bengilande isangoma kumbe umthandazi wakwabani ezongiphathela umsebenzi.
Namhlanje akusekhona ukuthi ngesintu kwenziwa njani ngoba kunokuthi abelaphi kube yibona abavusa isizwe, bazokusivusa kanjani kwabona bedidekile, umuntu angene ekwelapheni ebe naye enezinkinga ezimkake izinqe. Ngapha uyasebenza kodwa ekhaya nasesigodlweni sakhe kumahlimbilili, ukudla kwamakati.
Nakuba sabulawa kakhulu ngasezintweni zethu, siphinde sazishaya thina ngemfe saziphinda ngokuthi sikubuke kungcolile esiyikhona nokwethu, sithathe esifundiswe khona ingxenye ngokungapheleli, ukuthi yonke impumelelo nesiyikhona kuqhamuka kuMdali, nakuba kungasenjalo. Wonke umuntu ophumelele namhlanje nowehlelwe yimpumelelo uma kubuzwa ngayo? Ubonga uNkulunkulu.
Akulona iphutha lelo kodwa inkinga sesenza sengathithi wonke umuntu onamashwa nezinto ezingenzeki ingoba uNkulunkulu akambhekile kumbe umfulathele. UNkulunkulu nguyena osabelayo kodwa wasabela sizalwa, kwathi lowo nalowo wafika neyakhe inhlanhla. Inkinga ukuthi uma sesenze ngezindlela zethu eziyimfihlo ukuyithola, sigijimela kuyena sithi nguyena.
Uma ubheka umuntu omnyama namhlanje, nguyena ohlupheka kunazo zonke izinhlanga ezikhona, kanjalo nguyena futhi ohamba imithandazo nothandaza okwedlula wonke umuntu. Kuphinde kube nguyena osebenzisa umuthi nokhonze ukukhuluma ngabanye abantu ababi, kube nguyena omuhle. Umbuzo uthi, kungani sihlupheka kangaka na?
Kukhona umuntu oke abelwe ukuhola abantu ngendlela abelwe yona nabizelwe yona nguNkulunkulu, kodwa okwenzekayo kunendlela azokona ngayo angaboni ngoba enezintshisekelo zakhe azaziyo nafuna ukugibela afinyelele esicongweni yedwa, kube nguyena ongcono nobonakala ehlakaniphile, abanye aze ababize ngamahlathi nezithutha.
Lokhu kukodwa yikhona okudala sigcine singasathembi lutho oluphumelelisayo, kungabe umthandazo, ukuyobhula utshelwe ngumelaphi ukuthi konakelephi, wenze, noma ukuqhubeka uzikhohlise, uthi impumelelao ilethwe nguNkulunkulu kodwa ngesikhathi sokuqashwa ube wazi konke ukuthi kungamanga?
Kusafanele silifune iqiniso lalokhu okwasilahlekela okwenza singcole siyisizwe esidukuza ebumnyameni benkohliso nokuzitshela ukuthi siyazi. Kukhulu okwasilahlekela nesashaywa ngakho, ungathi sathwetshulwa singakazalwa.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize
Isigodlo saseMlambomunye (School of Umsamo Wisdom)
GAUTENG: 010 007 5294/5
KZN: 087 11 00 555
069 258 5620