UMBHALI: Rorisang Thandekiso
ABASHICILELI: Lux Verbi
UKUKHULA ngaphansi kwesandla sikamama onomthetho futhi okholwayo yikhona okwaholela uRorisang Thandekiso kwezenkolo. URorisang ongumbhali wencwadi ethi Disciple: Walking with God, uhlanganise izindatshana ezimbalwa ezilandisa ngohambo lwakhe lokwethemba uNkulunkulu.
Wenza umzekelo ngowesifazane onguMsamariya, owanqaba unikeza uJesu amanzi, wathi yena unguMjuda, ngakho ngeke akwazi ukumnikeza amanzi ngoba kabadlelani. Ungazifundela ngokukaJohane 4:7 eNcwadini eNgcwele.
Inhloso kaRorisang ukukhombisa indlela abantu abakholwayo abaziphatha ngayo. Bangabaze ukusiza abanye ngoba bezicabangela bona ukuthi ngabe bephephile yini noma bazitshele ukuthi bazothandaza bese umuntu ethola usizo. Uyachaza ukuthi ukholo lomuntu akufanele lumenze azenyeze noma abukela abanye abantu phansi ngisho bengagezile futhi balambile, azivikele ngokuthi uyesaba.
Ekhasini 109, umbhalo kaRorisanga ucaphuneka kanje: “Uma ngifunda umbhalo ngokukaJohane 4, ngiyabona ukuthi asikho isizathu sokuthi mina, njengomlandeli kaJesu ngehluleke ukwenza njalo, njengoba Yena esenzile wathanda abantu, angibanikeze noma yini engingakwazi ukubanikeza yona."
Kunodaba lukamama ogulayo kepha ongalutholi usizo ngokushesha esibhedlela iChris Hani Baragwanath, uphetha ngokushona ashiye indodakazi yakhe encane. Kuthi uma umbhali elandela umlando womndeni kamama oshonayo, athole indodakazi engenandaba nokunakekela unina nodadadewayo omncane. Kumanje indodakazi isinakekelwa nguRorisanga, ngemuva kokungcwaba unina wayo Eswatini.
Uhlangana nosisi ohlukunyezwa ngowesilisa odla izidakamizwa kepha naye usisi akakhulumi iqiniso. URorisanga uthi wakuthola kunzima ukuthi ayiyekele intokazi ilale emgwaqweni ihamba nengane kanti ngokuhamba kwesikhathi uzothola ukuthi izithwele bese ebikela amaphoyisa nabezenhlalakahle.
Nakulesi simo uRorisanga uqhutshwa wuthando nokwethemba ukuthi ufeza izimiso zikaNkulunkulu, ngokusiza abantu ngisho ebona ukuthi kungenzeka abe engozini.
Ugqozi lokusiza abantu lumnikeza umdlandla wokuthola ukuthi baphila kanjani futhi abalekelele ngandlela thize, ngaphandle kokulindela inkokhelo. Kunengqungquthela noma uhlelo aluqhubayo lokunxenxa abantu ukuba babe ngabadobi babantu, benze njengokwezimiso zikaNkulunkulu. Uhlelo lubizwa ngokuthi Jesus this, Jesus that, uthi inhloso yakhe njengomlandeli kaJesu wukwenza umahluko emplilweni yomuntu odinga usizo.
Incwadi ibophele izifundo zokusiza abahluphekileyo nabahlwempu. Ufisa amakholwa afunde ukuba ngabadobi babantu ngokulandela izimiso zikaJesu Krestu. Halleluyah!
Iyatholakala ezitolo zakwa-Exclusive Books: https://exclusivebooks.co.za/