MUVA nje, iSilo uMisuzulu kaZwelithini siphumele obala savumelana nabathi isiShayamthetho saKwaZulu-Natal masibuyele oLundi.
Lokhu kuphawula kweSilo akushiyanga nje ingcabha kosopolitiki kuphela, kodwa esizweni sikaPhunga noMageba sonkana, ukuthi siluxoxe udaba ukuze kutholakale isixazululo esiyoqinisekisa ukuthi umdonsiswano ufika esiphethweni.
Ngaphandle kokuvumelana, kunobungozi bokuthi isiShayamthetho siphenduke usehla senyuka. Kunesidingo sokuthi zonke izinhlaka zomphakathi ziphonse itshe esivivaneni kule mpikiswano ukuze kutholakale isixazululo esingunaphakade ngalolu daba oseluhlukanise futhi lwaphendula isizwe sikaMdlokombane imihlambi eyalanayo.
Kuyofanele ukuthi impikiswano incike ezizathwini zokufuqa intuthuko nokukhulisa umnotho wesifundazwe, nokwaba kabusha umnotho namathuba phakathi kwezindawo ezicebile zasemadolobheni nezimpofu zasemakhaya, nokonga imali kahulumeni, nokuthi iyiphi indawo ekulungele kakhulu ukuba yisiShayamthetho phakathi koMgungundlovu noLundi.
Lolu daba lubucayi, okuyisizathu sokuthi abezepolitiki nezakhamuzi zesifundazwe kufanele baluphathe ngobuhlakani nobunono okwezikhali zaMantungwa.
Kufanele ukuthi bagweme ukuphikisana ngalo ngokulawulwa wubuhlanga, imizwa, inzondo nezinkolelo zepolitiki kepha kubekwe phambili izinselelo zentuthuko yesifundazwe.
ElikaMthaniya libhekene nengwadla yokudodobala komnotho, ukukhipha inyumbazane intuthuko yasemakhaya, ukwenqaba kwamathuba emisebenzi, indlala, igebe phakathi kwezicebi nabampofu, ngokunjalo nokungalingani kwengcebo nengqalasizinda, phakathi kwamadolobha nezindawo zazemakhaya.
Umlando
UMgungundlovu, maphakathi ne-KZN, noLundi enhla nesifundazwe, yizakhiwo zikahulumeni wobandlululo. UMgungundlovu wabe uyikomkhulu likahulumeni wesifundazwe wabelungu, uLundi lube yisishayamthetho sikahulumeni wesabelo saKwaZulu.
Umlando walezi zindawo uyefana, ngakho-ke kungaba yiphutha ukukhipha inyumbazane enye yalezi zindawo ngokusebenzisa umlando wayo ngaphansi kwepolitiki yakuleli. Impikiswano ngokuthi kufanele sizinze kuphi isiShayamthetho kufanele igxile ekuqhathaniseni amathuba entuthuko indawo ngayinye eza nayo.
Amathuba oMgungundlovu
Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi isiShayamthetho esiseMgungundlovu sisenkabeni yesifundazwe futhi siyingxenye ebalulekile yomklamo oxhumanisa i-KZN neGauteng okungumgudu othuthuka ngesivinini. Siphinde sifinyeleleke kalula ukusuka ezinkalweni zonke ze-KZN. UMgungundlovu unengqalasizinda eseqophelweni eliphezulu ehlanganisa ulayini wesitimela ohlanganisa iTheku neGoli, isikhungo samabhanoyi, umgwaqo u-N3, amanzi, ugesi futhi unenqwaba yabasebenzi abanemfundo namakhono ayivelakancane.
Le ndawo yakhelene nezindawo zasemakhaya ezingahlomula kakhulu ngokukhula komnotho nokuvuleka kwamathuba emisebenzi. UMgungundlovu ubukeka ukulungele kakhulu ukuba yisiShayamthetho kodwa ukungabi khona kwezinsiza ezanele zokusebenza kwesiShayamthetho, kuzophoqa uhulumeni ukuthi achithe izishaqane zemali akha amahhovisi amasha.
Lokho kushiya umbuzo othi kungani pho isiShayamthetho singabuyeli oLundi lapho kunodedangendlala wengqalasizinda nezinsiza ezingasetshenziswa nakuba uhulumeni echitha izizumbulu zemali ukuyigcina esesimeni esihle?
Amathuba oLundi
ULundi lwakhiwa ukuze lube yisishayamthetho sikahulumeni owawubhekene kakhulu nokuphathwa kwezindawo zasemakhaya nokusenza sibe buqamama futhi kufinyeleleka kanzima.
Ukubuyela esiShayamthetho sasoLundi kungasho isidingo sokwakhiwa kwemigwaqo exhumanisa uLundi nezinkalo zonke ze-KZN, ukuze kufinyeleleke kalula; ukwakhiwa kukalayini wesitimela ongaxhumanisa iTheku, isikhungo samabhanoyi iShaka Airport noLundi; ukuvuselelwa kwesikhungo samabhanoyi sasoLundi; ukwakhiwa kwezindawo zokuhlala namahhotela; ukuthuthuka kwemboni yezokuvakasha njengoba isifunda iZululand siyisizinda sesiko nomlando kaZulu futhi kukhulise umnotho wezindawo uNongoma, Showe, Melmoth, Vryheid nezinye.
Kungaphinde kube yithuba eliyingqayizivele kuhulumeni lokuhambisa intuthuko, ingqalasizinda, izinsiza namathuba ezindaweni zasemakhaya nalapho iningi labantu base-KZN lihlala khona.
Lokhu kunganqanda ukuthutheleka kwabantu emadolobheni okuphetha ngokwakhela ingcindezi omasipala basemadolobheni ekunikezeleni ngezidingongqangi. Ithuba elikhulu elisezandleni zomkhankaso woLundi, ukuthi le ndawo inamahhovisi nezinsiza ezanele zokusebenza kwesiShayamthetho, okungenza ukuthi uhulumeni wonge izishaqane zemali.
INdlulamithi, isiyivulile inkundla yokubonisana nokuphikisana ngalolu daba oluthinta abantu bayo. Ngiphonsela inselelo izinhlangano zepolitiki, ubuholi bendabuko, izincithabuchopho nabaholi bamabhizinisi, abezenkolo nomphakathi jikelele ukuthi baphonse itshe esivivaneni kule mpikiswano ukuze kutholakale isinqumo esinqala.
Sekukuwena sakhamuzi sesifundazwe ukuthi ufunde, wetshise bese ubeka eyakho imibono.
UThabani Khumalo, ungoti kwezokuphatha nomhlaziyi wezepolitiki ozimele