Incwadi: The Thabo Bester story: the facebook rapist, the celebrity doctor and the escape from cell 35
Ababhali: Marecia Damons noDaniel Steyn
Abashicileli:Tafelberg
KUNEKWE obala ukukhohlakala kukaphunyuka bemphethe wakuleli, umdlwenguli, ongumbulali uThabo Bester. Cishe ngabe kasazi lutho ngalo mafavuke ukube izintatheli zeGroundUp, okunguMarecia Damons, noDaniel Steyn kazizange ziphenyisise ngezigameko ezenziwa nguThabo ngemva kokweqa ejele. Kwaphela ukwazi ngesikhathi leli qili liboshwa ngo-2023, litetemuka nesinqandamathe salo esinguDkt Nandipha Magudumana eTanzania.
UThabo kuthiwa wazalwa ngo-1986 ngemva kokuthi unina uMaria Mabaso, enukubezwe yindoda thizeni. Waqala ukuboshwa esafunda amabanga aphansi ngemva kokuqola abantu. Ubuqili, isibindi nobungozi bakhe, ungafunga ukuthi yizigameko ezenzeka e-USA, kanti yimigilingwane yomuntu ongenaziqu kepha oqola izifundiswa nosopolitiki.
Akuqondakali ukuthi kungani uDkt Magudumana, adela izingane zakhe nempilo yekhethelo wazinikela kulo mbulali. Incwadi iwumphumela wokubambisana phakathi kwezintatheli neJaji Edwin Cameron nezinye izinhlaka.
Ibhalwe ngokucophelela ngokuthi kuphenyisiswe imibiko ehlukene ecashunwe ezinkundleni ezehlukene. UBester nezinkampani ezimbalwa azivula ngaphandle kokuba nomazisi. Useke waxhasa osomabhizinisi abaningi, ezenza impunyela yase-USA. Incwadi ilotshwe yizintatheli ngenhloso yokuthola iqiniso ngoBester, osavalelwe ejele. Kumanje ubhekene noxhaxha lwamacala okuqola abantu izigidi zezimali.
Incwadi: The first kudu: building a tech start-up in Africa
Ababhali: Ben Shaw noLorne Hallendorf
Abashicileli: Tracy Mcdonald Publishers
UKUQALA konyaka kuhambisana nokwenza izinhlelo zomuntu ngamunye, lapho uzibekela izinhloso nezinjongo ofuna ukuzifeza.
Phakathi kwezinhlelo ezenziwa ngabantu akusali ukuvula ibhizinisi, ukuthenga imoto noma umuzi nokunye. Encwadini ethi The first kudu, kunamasu angakusiza ekutheni uzicathulise ukuze ufeze izinjongo zakho.
Incwadi igxile emlandweni wokuphenjwa kwenkampani yezobuchwepheshe, iHouseME, eyasungulwa eNingizimu Afrika.
Ababhali bachaza ngokusuka nokuhlala ngokusungula le nkampani esiqashe abantu abangu-34, isibhalise ngaphezu kwabangu-50 000 abayisebenzisayo.
Ngeke uzisole ngokuthenga le ncwadi ngoba ingakuhlomisa ngezigaba okumele uziqikelele uma uthenga umuzi noma uphemba ibhizinisi.
Zitholele ezinye izincwadi kwa-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za/