MHLELI: Siyanda isibalo sabaholi be-DA abashiyayo noma abadliwa yizembe kuleli qembu.
Iningi lalaba baholi kuba ngabaholi abamnyama. Ngingabala uLindiwe Mazibuko, Mbali Ntuli, Mmusi Maimane, Phumzile Van Damme, Zwakele Mncwango, nabanye abaholi abafana noHerman Mashaba.
Sizokhumbula ukuthi i-DA idume njengeqembu labantu abamhlophe kanti futhi iyiqembu elikhulu eliphikisayo ngokusemthethweni lapha eNingizimu Afrika.
Leli qembu kuthiwa ngelabantu abamhlophe ngoba ubuholi balo obuphezulu bungobabantu abamhlophe, yize uquqaba lwabantu abalivotelayo kungabantu abansundu. I-DA yasunguleka emva kokuhlanganiswa kwe-Democratic Party ne-National Party okanye i-New National Party, okwakungamaqembu ezombusazwe ayesungulwe noma ayeholwa ngabamhlophe.
Baningi impela abavoti abalithandayo leli qembu, iningi labo okungabantu abamnyama, okuyibo abalimisile balenza laba yiqembu elikhulu eliphikisayo ngokusemthethweni ngokulivotela, nokwaba yiqhaza elabanjwa ngabaholi abansundu abake balihola leli qembu, abafana no-Mmusi Maimane.
Abanye abantu kuyabadida ukuthi i-DA njengoba idume ngeqembu labantu abamhlophe, ilithola kanjani ivoti labantu abamnyama, bakhohlwe ngukuthi phela asisaphili esikhathini sobandlululo, yize ubandlululo ngokwalo, singalugqagqanisi kakhulu ngokucwasa ngokobuhlanga, ikakhulukazi uma lokhu kuqhakanjiswa yiqembu lezombusazwe.
Baningi abantu abansundu othi uma uzwa izinkulumo zabo, uqaphele ukuthi ziwuju lwezinyosi impela kubona nge-DA, inkinga yabo ngalo ngukuthi, bakholwa ngukuthi liyiqembu elakheka lakhuliswa, kepha ngaphezu kwesisekelo esasakhiwe ngabacindezeli, kanti futhi baqaphela inhlese yokucwasa ngokobuhlanga kuyo.
Baningi abavoti baleli qembu, ikakhulukazi abamnyama, kanye nabanye abasafisa ukuyivotela i-DA, kepha abashaya amakhala ngokushiywa kwayo, okanye ngokuxosha kwayo abaholi, ikakhulukazi abamnyama engibabale ngenhla, ngaphandle kwezizathu ezibekwayo futhi ezizwakalayo, kanye nemigomo yalo njengalowo wokuvikela umhlaba ophethwe ngabamhlophe.
Bese kuyisikhathi sayo sangokhetho olulandelayo i-DA, ngaphandle kokutatazela okungenasidingo ngoba inalo ugazi kubavoti ukuthi nayo ithole ingqayizivele yokubusa iNingizimu Afrika, njengoba kubukeka itshe limi ngothi ngenhlangano ebusayo.
Nokho le nhlangano isingaze ilithole ithuba lokungena emandleni ngokushela amanye amaqembu afana ne- IFP nokuyinto ekuvumayo lokhu njengoba yona iyiDA, ukuthi amaqembu abumbane, hhayi ngenhloso yokuketula iqembu elibusa izwe, kepha ngenye yemizamo yokunciphisa isibalo sawo esikhula imihla ngemihla, engikholwa ngukuthi siklama indima enkulu kwezombusazwe.
Ukuba iDA ishumayela ngalokhu, iphinde igxile ezinhlelweni ezinhle uma zikhona, ezazenziwa nguhulumeni wabacindezeli zokuthuthukisa izwe, igxeke lapho kunesidingo khona, njengokugxeka ubandlululo, okuyilo umnyombo wokucwasa abanye abantu ngokwebala labo, ngabe izibeka emathubeni amahle okhethweni olulandelayo, ikhohlwe ukumosha isikhathi ngokushumayela ngezindaba zePhala-Phala.
Ukusolwa kwe-DA ngokucwasa ngokobuhlanga kwehlisa amathemba okuthi isengakwazi ukwenza kahle okhethweni olulandelayo, njengoba abanye abavoti okungesibona abalandeli bayo, beyisola baphinde balibeke kucace elokuthi ngabe bazigwaza ngowabo uma bengavotela iDA, njengoba bekholwa ngukuthi izinze phezu kwesisekelo esasakhiwe ngabacindezeli.
Ngakolunye uhlangathi, kunoquqaba lwabantu abamnyama oluthanda ubuholi baleli qembu, ubuholi babantu abamhlophe, elithi azilime zibheke etsheni, kwakungcono kakhulu eGibhithe. Iningi lalaba bavoti likholwa ngukuthi kwakungcono ngesikhathi sobandlululo uma uqhathanisa sona nalesi sanamuhla sentando yabantu eyafika nenhlupheko.
Akuphelele neze okwenziwa yiDA okukhombisa ukuthi izimisele ukunqoba ukhetho olulandelayo lukazwelonke, ekubeni ingakaze iphumele obala ngokushiya kwabaholi bayo, ikakhulukazi abamnyama. Impela angikhumbuli nangelilodwa ilanga, itshela abavoti ukuthi yabangani no-Musi Maimane owayehola leli qembu.
Ukungaphumeli kwayo obala ngokushiywa abaholi bayo, kufakazela konke lokhu okushiwo ngabavoti bamanye amaqembu, ukuthi iDA iyinhlangano yabacindezeli, okungelula ukuthi inikezwe amandla okubusa izwe, njengoba nolimi lwesiZulu likubeka kucace ukuthi ukubona kanye ngukubona kabili.
NguGwen Ngwenya kuphela uma ngikhumbula kahle okungomunye wabaholi abamnyama osachazwe njengalowo oshiye kahle kwiDA, ngomlomo womunye wabaholi baleli qembu, okunguNkk Hellen Zille, ukuthi lo mholi uthole amadlelo aluhlaza ezinhlakeni ezizimele.
Uma iDA izimisele ngokunqoba ukhetho olulandelayo ngonyaka ozayo, isenalo ithuba lokukhuphula imikhono yayo, hhayi ngokuthembela kwamanye amaqembu kuphela, kepha ngokukhuthaza nokushumayela ivesi eligxeka ukucwasana ngokwebala , hhayi eNingizimu Afrika kuphela, kepha emhlabeni jikelele.
Ukuyishaya kwayo indiva eyokucwasa ngokobuhlanga, kusho ukuhluleka kwayo ukuxebula lo pende eyaziwa ngawo, futhi okungupende oyenza ibukeke kabi kwabanye abavoti, wokuduma ngokucwasa ngokobuhlanga, yize yona nolunye uquqaba lwabavoti abamnyama kungamathe nolimi.
Impela ukukhankasela ukhetho olubucayi njengalolu olulandelayo, nolunye olusazolandela, bekukudinga ukukhankasa kweqembu elifana neDA, njengoba lidume ngokucwasa ngokwebala, ukuthi lingakhohlwa ngukukhuthaza nokuqhamuka nezinhlelo zokuqeda nya ukucwasana ngokwebala eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe.
Cebolenkosi Maphumulo
eNanda