MHLELI: Siphila ubomi bentshontsho obabonwa ngamaXhosa ngenxa yokufadalala kwezidingongqangi eMzansi Afrika.
Abaphethe bayizilima futhi into abayaziyo yimihlangano yokulobizela ukuphumelela ukhetho lwangonyaka ozayo, ukuze bahlale emandleni.
Bazitshela ukuthi bazowudla umhlanganiso ngamavoti amaningi kunabanye. Nakwamadala eJudeni, akazange umakoti aziqholise kepha ungeniswa ngokuqhoyiswa ngumkhwenyana wakhe!
Balibele ukuba nemihlangano yokulobizela ukuphatha izwe kepha izingqalasizinda zifadelele nemali ekhishelwa zona idliwa luhlaza.
Besiphila kabuhlungu siwumphakathi owakhele Eshowe. Kuthiwa kukhona abafake amakhemikhali ayingozi emadanyini. Sifisa ukwazi ukuthi uyini umsebenzi wezobunhloil ngoba abenzi bobubi bajijimeza umbuso ngejozi?
Simzwile nongqongqoshe ophethe umbutho wamaphoyisa esethulela imininingwane ngamacala enzeke kwikota esiphuma kuyo. Sithole ukuthi zintathu iziteshi zamaphoyisa ezihamba phambili KwaZulu-Natal.
Ngesikhathi kusaphethe abamhlophe bekuboshwa ozigebengu, zivulelwe amacala. Kwakungafani nalokho okwenzeka manje, njengoba kuphethe abohlanga abangenzi lutho. Bahlale besinikeza izibalo ngezenzo zobugebengu ezweni.
Uhlobo lomalugaju aluqali manje, ludala. Ngesikhathi kusaphethe abamhlophe, babeboshwa abantu futhi bagwetshwe kungafani namanje. Sekuyindlala nokuthola abaphenyi abazinikelayo ekuphenyeni amacala.
Eminyakeni yakudala kwakukhona umalugaju owayevimbezele ezindaweni zaseMthunzini, ebizwa ngoNqavini Msomi. Wagcina eboshiwe, wagwetshelwa ukuya kwagoqanyawo.
Kwavela esinye isigebengu khona eMthunzini, esasaziwa ngoVeli Mkhwanazi, naso sagwetshwa. Singamlibala kanjani owayentshontsha imfuyo yomphakathi eNtembeni, eMelmoth, kwakunguNomphonqolo. Ukhona nowakithi owavimbanisa edolobheni laseMpangeni, owayebizwa ngoHammerman, uSimon Mpungose. Wasoconga ngesando abamhlophe, indoda nenkosikazi kodwa akangazenza lutho izingane.
Izingane ezizalwe zolo lokhu, azikwazi lokhu ngoba zifundiswa umlando owumbhedo ngabantu ababeshumayela ivangeli ekubeni besicindezela.
Sikhathele esikufunda emaphephandabeni nasemathelevishinini. Akubhekeki ngenxa yobulwane bezenzo zobugebengu ezenzeka ezweni.
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE