UMBHALI: Janine Jellars
ABASHICILELI: Tracey MCDonald Publishers
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
KUYA ngokuthi ungubani, uphila nobani futhi ujola nobani. Uma ufuna udumo futhi uzimisele ngokwenza noma yini ukuze uluthole, bhasobha ungalahlekelwa ngokukhona ngento eshabalala kuhle kwamazolo.
Yinoveli yokuqala lena ebhalwe nguJanine Jellars, ethi When filter fades.
Kunezintokazi ezintathu okunguLin, Lebo, noMbali futhi zingonontandakubukwa baseGoli. Zisanganiswa wudumo, ubumnandi, nemfashini kanti ziyazigqaja ngokuba ngondabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana.
Zontathu zimagange ngokuthi zaziwe kangangokuthi zibangisana ngokubukisa ngakho konke ezinkundleni zokuxhumana. Kuyaziwa ukuthi abantu besifazane bahlale benomona ngisho bengabangani. Kuvamisile ukuthi babange udumo, amadoda, imali nakho konke okwenziwa ngosaziwayo. Ngeshwa, kugcina kubacekela phansi. Baphelelwa wushatini ngesikhathi bezama ukuzicabela indlela kwezemfashini, nezodumo ezinkundleni zokuxhumana.
Imnandi impela inoveli futhi indikimba yayo igxile ezintokazini ezincane ezithanda ezingothathekile baseGoli. Iyafundeka futhi iyisiqalo esihle sikaJanine kwezokucikoza.
Kafushane nje, umyalezo wencwadi uthi kasikho isihlahla esiguga namagxolo aso! Onontandakubukwa kumele baqaphele bagagugeli emgwaqweni njengethayi lemoto.
Zitholele ezinye izincwadi kwa-Exclusive Books https://www.exclusivebooks.co.za/