MHLELI: Kweliwela umfula ugcwele, ngokwami ngibona sekufike emaphethelweni ngengoma evotelwayo ukuhlukanisa unyaka kuKhozi FM.
Sekukaningi sikhononda ngendlela okwenzeka ngayo izinto. Okokuqala izingoma ebezidumile kuqala unyaka zishaywa indiva kuqokwa eziphume sekuphethwa unyaka. Kuthiwani ngengoma edlalwe unyaka wonke yaduma eMzansi jikelele?
Ngibona sekuyisikhathi sokuthi kushitshwe uhlelo kuqhanyukwe nendlela entsha ngodaba lwengoma ezohlukanisa unyaka. Ukhozi lungene kwelikhulu ihlazo eledlula eselake lawenza. Samangazwa uDJ Hlo manje simangazwa uKhuzani kuyacaca ukuthi kwasiqubulo esithi ABANYE ABATHULE siphelelwe iskhathi nezinye iziteshi zomsakazo zijabule ziyafa ngoba kubukeka zisebenze kangcono kakhulu kunoKhozi FM.
Siyobanika imibono uma beyidinga ngokuthi yikuphi okungenziwa esikhathini esizayo ukushintsha indlela yokuqoka ingoma esizohlukanisa ngayo. Isibonelo mina lo msalofu njengomlaleli wokuqina woKhozi ngabhalela owayengumphathi zinhlelo iTweet uZandile Tembe ngithi akangashiwo unamba 2 ngoba lokho kusehlisa umdlandla singabalaleli ngoba kusuke sekusobala ukuthi ubani odle umhlanganiso. Akuvele kungenwe kunamba1 nangempela kwabanjalo futhi kwayinto emnandi. Okubi ke akazange angiphendule ngezwa sekwenziwa nje vele ke kade baqala ukudla imibono yabantu kodwa anginambango ngalokho ngingaze ngifane noMnuz Owen Ndlovu.
Gugulezwe Hadebe
Bulwer eMgwempisi