MHLELI: Umsakazo UKhozi FM awumnikezanga ukuhlonipheka nobulungiswa esaphila noma eseshonile umculi uBhekezakhe Maurice Mthembu.
UBhekezakhe Mthembu ubewumuholi weqembu Abakhwenyana. Abakhwenyana yiqembu lombhaqanga elalidumile eminyakeni edlule, laligadulisana namaqembu afaka iSoul Brothers, Abangani, Pat Shange namanye endimeni yomculo wombhaqanga.
Nanka amanye ama-albhamu Abakhwenyana: Engab‘ ukuphi na?, 20/20, Isiqhwaga, Amaqili, ukubala nje ambalwa. UBhekezakhe nguyena yedwa obesaphila eqenjini Abakhwenyana.
UBhekezakhe ubecula phambili, abhale, ahlele izingoma, adlale izinsimbi ezahlukene. Wake wasebenza neqembu iMadlala Brothers. Ngo-2018 uBhekezakhe wakhipha i-albhamu yeqembu Abakhwenyana esihloko sithi Omabizwa asabele.
Lo msebenzi wawenza yena siqu ngoba asashona wonke amalungu eqembu Abakhwenyana. Kule albhamu uBhekezakhe wakwazi ukubuyisa isiqgi, iminkenenezo ,umqgumo, ukuhleleka kwamazwi njengoba kunjalo emsebenzini weqembu Abakhwenyana weminyaka edlulile.
Okubuhlungu-ke wukuthi le albhamu ayidumanga ngoba ayethulwangwa futhi ayidlalwanga kuKhozi FM.
Empeleni nalo iqembu Abakhwenyana kuvele kudlalwe ingoma endala ethi, “Yamemeza” njalo uma kwenzekile ladlalwa Okhozini FM. Nakuba kwakhulunywa ngokushona kwakhe ezinzulwini zobusuku ohlelweni lukaMshengu.
Kodwa emini akwenziwanga lokhu okwenziwa kwabanye abaculi uma beshonile, ukukhala nokubalisa kwabasakazi nezikhulu zikahulumeni, awudlalwanga umculo wakhe emsakazweni ukumkhumbula, akahlonishwangwa ngomgcwabo kahulumeni ekubeni eqale emculweni ngabo-1985 futhi ebezinikele eqenjini Abakhwenyana.
Ukhozi FM, abezindaba nohulumeni bonke bebengekho ngisho emngwcabeni wakhe. Umoya wami wephukile ngale nto. Akungakhethwa amabala, amaciko awaphathwe ngedlela efanayo oKhozini FM nakuhulumeni.
Zwelithini Leo Sibisi (Dkt)
ISIPINGO