MHLELI: Kuyancomeka ukubona ezinye izinhlanga zikhuluma ulimi lwesiZulu futhi sengivamile ukubona abamhlophe bekhuluma ulimi lwesintu ngale kokungingiza.
Sekukaningi ngibona oyiMeya yaseMngeni, uMnuz Christopher Pappas, ekhuluma isiZulu esomile esithe nkwe. Konke lokhu engikhuluma ngakho ngiye ngikubone ikakhulu uma ngivakashela emapulazini, lapho ngiyaye ngithole abelungu bakhona bekhuluma ulimi lwesiZulu ngale kokutolikelwa.
Ngabamba ongezansi ngenkathi omunye umlungu esibuza ukuthi sifuna izinkomo zokulobola noma zokuhlaba. Akugcinanga lapho ngoba wabuye wasitshela ngenkomo ephunzile.
Okunye engakuqaphela ukuthi bayazi njengoba injalo imibala yezinkomo. Ugcina ufikelwa amahloni uma ezinye izinhlanga sekuyizona ezigcina zikhuluma ulimi lukaMageba ukudlula thina bengabade. Okunye okuncomekayo ukuthi nabomdabu baseNdiya bayazama noma iningi labo lisakhuluma lokhu okubizwa ngesifanakalo.
Ngihleka kuvele elomhlathi uma ngicabanga enye insizwa yaseNdiya eyathi yezwa amabutho ecula ethi: "Azikho lononi duze lonkunzi loyinja". Empeleni wayeqonde ukuthi: "Ayinanoni inkunzi yenja!"
Ziningi izinto eziyimbangela yokuthi sigcine singasakhulumi noma singasabhali ulimi lwethu ngokuyikho futhi akugcini lapho ngoba nezingane zethu zehluleka zincame uma sekumele zibhale iphepha lesiZulu.
Lapha sikhuluma ngezingane ezifunda nezinye izinhlanga noma ezifunda kwezinye izifundazwe. Kugcina kunomthelela omubi ekutheni ubhale noma ukhulume isiZulu esiqondile. Ugcina ungasakwazi ukuhlukanisa izisho nezaga, angisayiphathi-ke eyezijobelelo, ugcina ungasakwazi ukubiza amagama ngokuyikho.
Maningi amagama ayimifakelwa esigcina siwasebenzisa ekubeni sazi kamhlophe ukuthi awekho esiZulwini.
Uma uvakashele izindawo zasemakhaya lapho besazi njengoba sinjalo isiZulu, kuvele kudume umpotiyane noma uswele umgodi wokucasha uma sebekhuluma isiZulu esijulile. Awucabange nithi niyobika udaba, bese kuthiwa siyanicela ukuthi niyichamusele inkulumo, kulowo mzuzu kuvele kuthombe ukhiye.
Yize sihlala emadolobheni kodwa kubalulekile ukuthi sizijwayeze ukubhala noma ukukhuluma ulimi lwebele futhi lokho kungasiza nezingane ezihlala nezinye izinhlanga.
Z Ntombela
E-DURBAN NORTH