IMPI yokulwa nobugebengu ihlonyiswe kabusha ngokwengezwa kwamaphoyisa abalelwa ku-10 000 ezweni lonke okuqhubekayo kuleli viki.
Zisho njalo iziphathimandla kulezi zinsuku ezimatasa emicimbini yokuviliyela kwamaphoyisa akade engamathwasa ezikhungweni zokuqeqeshwa kwawo. NgoLwesithathu umkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ubenze lo mcimbi enkundleni yezemidlalo eChatsworth. Izolo bekuyiso leso eKimberly, eNorthern Cape, lapho uMengameli Cyril Ramaphosa ebeyisihambeli esiqavile sosuku. Bekunjalo nasesikhungweni sasoNdini.
Lezi zinyathelo kumele zishayelwe ihlombe ezweni lapho ubugebengu sebuthanda ukuba ngenhla kwamadolo. Esikubhekile ukuthi ukuthi kube nomehluko ngokwenziwayo futhi nawo amaphoyisa athole ukwesekwa okufanele ukuze enze umsebenzi wawo ngempumelelo.
Imibiko yakamuva iveza ukuthi maningi amalungu ashiya esiphoyiseni ngezizathu ezahlukene okubalwa kuzo imihlomulo engemihle esimweni esibucayi okusetshenzwa ngaphansi kwaso. Ngakolunye uhlangothi, akukho ukungabaza ukuthi umsebenzi wamaphoyisa awusagcini nje ngokwelusa ukugcinwa komthetho nenhlalakahle emiphakathini, kodwa ezikhathini eziningi asefana namasosha asesijwini sempi. Lokhu kungenxa yokubulawa kwawo yizigelekeqe, kokunye ezisuke zihlome ukwedlula bona abomthetho.
Sikhulu futhi nesihlava samazambane abolile ngaphakathi kuwo umbutho uqobo, okwenza ukuthi kube nzima ukulawulwa komthetho ngoba nasemaphoyiseni sifuye umuhlwa ophehla ukuthembeka nakwabazinikele emsebenzini.
Yilezi izinselelo ezenza ukuthi ukusebenza komthetho eNingizimu Afrika kwehlelwe yisithunzi. Egameni lokuthi ithemba alibulali, sikholelwa ekutheni iziphathimandla zidedela la mathwasa ezikhungweni abekuzo anonembeza abaqondayo ukuthi lolu bizo abakulo lusho ukuthini.