UQALILE u-2025. Sibuyisele izingane zethu ezikoleni ngethemba lokuthi zizofunda ziphumelele zibe ngokuthize empilweni futhi zibe nekusasa elihle.
Okufanele sikukhumbule ukuthi izingane zizalwa yithina bazali ababili, kodwa sikwenze kahle yini okulisiko lokuba ziphumelele. Indaba iqala lapho sithathana singabazali sithi siyaganana. Siyalobolana, sishade, kuthi lapho sesishada kube yilapho kuqala khona izinkinga. Yindlela esisuke senze ngayo. Ukhumbule ukuthi thina uma sithi siyashada senza okwaseNtshonalanga okungekhona okwethu, sishiye okwethu kwesintu.
Kulula ukulungisa lokhu ukuze izingane zethu kungagcina sekuthiwa ziyabangwa, azibuyele ekhabonina, ekubeni uyise walikhipha ilobolo.
Ikhona-ke indlela esingalungisa ngayo ngokuthi sikwenze kokubili lokhu kanye kanye, sihlanganise okwaseNtshonalanga nokwakithi komdabu ngoba sekwasingena kokubili. Ngikhuluma lapha ngomshado wabantu ababili uma sebelobolene, lapho iningi ligcina ngokushada umshado omhlophe okugcina kushaya izingane ngoba unina usuke engatheliwe ngenyongo.
Imfundisoze esesagxishwa yona yokuthi ushade ngoba ufake indandatho emnweni, ize ifakwe nangumuntu wesilisa imbala, ingene yathi shi kithina. Ezinye zezinto ezisishayayo nezingane zethu kugcina kuthiwa ziyabangwa, yikhona kanye lokhu kwenza ngesiko laseNtshonalanga bese elesintu okuyilona eliphelelisa owesifazane ukuze abe ngumfazi ophelele emzini lapho eganele khona ligcina lingenziwa.
Kungakho emandulo kwakuqikelelwa ukuthi umuntu wesifazane wayelotsholwa, uyokuze aphume kubo ngoba esephuma ngodwendwe. Nakhona akubona bonke ababeba namandla okugcagca kodwa kwakuthi noma kungenzekanga kugezwe ngembuzi kushwelezwe.
Namhlanje sekulula ukuzwa abantu bethi besiganisa ubaba nomama kumbe ugogo nomkhulu ngoba abagcagcanga. Yileli phutha eseligcina lisetshenziswa abelaphi bendabuko umuntu athi konke lapho ngihamba khona kuthiwa angishadise ubaba nomama kumbe ugogo nomkhulu.
Umuntu wesifazane uyaye azibone engaphelele uma engazange wagqoka ingubo emhlophe. Abanye baze baqhoshe ngayo athi mina ngashada ngafakwa indandatho. Kube sengathi indandatho yiwona mshado ophelele nongcwele kanti kushiywe lona wesintu.
Ngalolu thando esalugxishwa ngabamhlophe, ngoba ngeke sisaphinde siphume kulona, kulula ukuthi sikwenze sikhathi sinye. Sikuhlangise kokubili ngezindleko ezifanayo kungekho lapho uzokhokha izindleko zokuthi ushade omhlophe , kuyaba ngelinye ilanga usuthi uqongelela ukwenza owesintu.
Uma ubabele ukuhlangnisa kokubili, ikhona indlela futhi ilula. Udwendwe lwaluphuma ngoLwesihlanu.
Ukugcagcisa umuntu wesifazane kudinga izinkomo ezintathu kuphela. Uma ekhishwa kubo umuntu wesifazane ukhishwa ngomncamo okuyimbuzi, okuthi uma unkosikazi kamkhongi esephuma nebhokisi, emandulo okwakuba zimpahla ezazigoqwa ngocansi, kuhambisane nenkomo ekhishwa nguyise wentombazane okuthiwa udondolo ezofike ihlatshwe engakafiki, ihlatshelwe ngaphandle okuyiyona abikwa ngayo emzini lapho.
Kuyokuthi ebusuku esefika umakoti, ekuseni sekuhlatshwa inkomo yebhoma noma isibhoma ehlatshwa ngumkhwenyana okuyiyona manje yokumthela ngenyongo.
Yilezi zinkomo okuzophambana izinhlangothi phakathi kwazo - udondolo nebhoma/isibhoma. Ilapha-ke lapho kufanele senze khona ukuhlanganisa.
Uma umakoti engena nodwendwe ngoLwesihlanu, inkomo yodondolo isihlatshiwe nebhokisi lelo selingenile, sekuzokuthi ekuseni sekuhlatshwa le nkomo yebhoma. Ithi ingawa umakoti uma eqeda nje ukuhlaba inxeba ngokwesintu, bese beyishiya kanjalo inkomo kuqhutshekwa nayo, sebeyahamba ngawo uMgqibelo sebeya esontweni kuMfundisi oyobahlanganisa ngendandatho nangokwenjongo yabo.
Uma iphuma inkonzo leyo eqeda uMfundisi babuyele ekhaya, kulapho umakoti eseyokwaba esethelwa ngenyongo yenkomo yebhoma nodondolo. Sekuzokwabiwa kwenziwe konke esefake umakoti indandatho yakhe. Kuzobuswa kuze kushone ilanga.
Sekuyothi kusasa ngeSonto kulapho sebengahamba-ke sebeyoshaya izithombe zabo zomshado njengalokhu kujwayelekile. Kodwa umehluko lapha bakwenze konke ngempelasonto eyodwa esingathi ngesikhathi esisodwa.
Uma ukubheka konke lokhu kunokuthi uchithe imali ngomshado omhlophe uphinde uchithe enye ngokwesintu, wena usukwazile ukuhlanganisa wakwenza into eyodwa nangesikhathi esisodwa.
Baningi esengibenzisile lokhu uthole ukuthi umuntu uyabuya uyabonga athi uyazi imali engiyongile ibe nkulu kabi ngokuthi ngenze konke ngikuhlanganise. Ngikwaze ukumisa itende elilodwa, ukudla kosuku olulodwa, izinkomo zonke ngasikhathi sinye, ngamfaka umakoti indandatho ngaqeda konke.
Inkomo yesithathu abanye abangasayihlabi ngenxa yezindleko futhi engenasidingo kangako inhlabisamthimba. Njengalokhu igama lisho, usuke lapho usuhlabisa umthimba ofike nomakoti bonke ahamba nabo okungelona icala elingako uma ungabanga nawo amandla ayo. Kodwa uma nje ukwazi ukwenza lezi zenyongo zokuthela umalokazana kuphelele.
Kufanele sikuqikelele lokhu ukuthi sikwenze ngendlela engenazindleko eziphezulu ngoba kusemqoka kokubili ngokwesikhathi esesiphila kusona. Abanye emandulo wawuthola ukuthi umalokazana ushada esontweni kule liviki ngelizayo sekuphuma udwendwe. Nalokhu kwakusiza kodwa izindleko lapho seziphindeka kabili.
Njengoba namhlanje izinto sezibiza namandla engasekho nawayekhona ngaleso sikhathi ezinye zezinto zazitholakala ngokulima nokutshala. Okusemqoka manje ukuthi kufanele sigcine lokho okuyikhona okuzokwenzeka ukuze izingane zethu zingabi nezinkinga.
Into okufanele siyiqikelele ukuthi akufanele kukhona konke esikwenzayo sizinake thina bazali kodwa asenze lokho okuzokwenza izingane nesizukulwane sethu kuphile kuphinde kube nekusasa elihle. Namhlanje sinezingane ezidela amakhaya ziyohlala emigwaqweni, ezinye ziyehluleka ezikoleni, ezinye zigcine ziyimidlwembe zingena emajele ngakho njalo ukuthi sathi uma sithi siyathathana senza okungaphelele. Lokhu kwenza ngokuphelelisa kuyosiza ungalokhu uphuma ungena kwabamanga bekutshela okungekhona bese impilo yakho iduka unomphelo.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye: School of Ancestral Studies: www.umsamo.org.za