MHLELI: Kuyadumaza futhi kuwukubukela phansi okuhambisana nenzondo eyatshalwa yipolitiki ukuthatha umbono mayelana nokuqokwa kukaNdunankulu kaZulu umataniswe nepolitiki.
Ukushaya kwami amakhala ngokuqokwa komuntu owaziwa ngepolitiki, ongenawo umlando ofana nobekade ephethe lesikhundla (ubukhosi) yikhona kuphela okwabe kungithimulisa. Ubufakazi bokuthi angilawulwa yimizwa yepolitiki uma ngibuka lesi sihlalo ukuthi engangimbona simfanele ngimazi kahle ukuthi kuneqembu lezombusazwe elisanda kumfungisa.
Yize kunemibuzo, indlela okwaphuthunyiswa ngayo ukufungiswa kwakhe kodwa akaze ngingene kulokho.
Nakhona njalo ukufungiswa kwenkosi kuyizinkomba zokuthi kunosopolitiki abafuna ukubamba ngobhongwane ubukhosi bethu. Ingqikithi yombono yayimayelana nesihlalo. Engangikufisa ngakubeka obala, akaze ngifihle lutho. Angikaze ngithinte lutho olumayelana nepolitiki, yize sekucacele noma ubani ukuthi ubukhosi kuzobanjwa ngobhongwane yipolitiki kungekudala.
Engangikhala ngakho ukuqokwa komuntu engimazi njengosopolitiki ekubeni ekhona amakhosi nezinye izingwevu ezazingathatha isikhundla. Akufanele sincishane ngobugugu bethu singamaZulu ngenxa yokucabangela ipolitiki. Ipolitiki ikuvala amehlo ungakwazi ukuhlukanisa okuhle nokubi.
Noma ngabe umuntu ukhuluma umbhedo wodwa, awukwazi ukumphikisa uma nidlela ogqokweni lunye. Ngaze ngabhala ngathi (isiphingwe enkulu), okusho ukuthi asisaphikisi lutho noma singaneme ngoqokiwe. Mina ngisola abangigxekayo njengabantu okuyibona abayobayobiswa ukulunywa yintuthwane yezombusazwe.
Mina ngangiveza ukungenami ngokuqokwa kukandunankulu kaZulu omusha nje kuphela. Futhi akaze ngikufihle ukuthi eyami imizwa yayithini ngalesi sikhundla. Sasingekho nesidingo sokuthi uSphiwe Bhengu angigxeke ngoba mina naye siyavumelana. Kukodwa esingavumelani naye ngakho, yilokhu kokuthi uMntwana waKwaPhindangene wasebenzisa isikhundla sakhe ukulwa izimpi zakhe ne-ANC. Kwakunini lapho uMntwana wayelwa khona ne-ANC?
Lezi zinduna othi zazilwa impi eyabe iphakwe umntwana zaziqhamuka kumaphi amakhosi, Shongololo? Umntwana uze wahamba egcizelela ukuthi izandla zakhe azinacala nagazi ngoba ayikho impi awake wayiphaka ethi akubulawe abantu. Kodwa wena wedwa unolwazi ngempi eyayiphakathi kukaShenge ne-ANC? Babelwa bebangani? Yanqotshwa noma yaphela kanjani leyo mpi?
Uboke usilandise ngoba le ndaba sengathi yaziwa nguwe wedwa. Ngiyamangala lokhu kwangempela ngento eshiwo uSphiwe Bhengu waseThekwini, kwiSolezwe langoFebhuwari 8, 2024 . Emabuthweni eSilo kunoMnuz JG Zuma, Melusi Gigaba, Zweli Mkhize, Sihle Zikalala, Sboniso Duma, Zwakele Mncwango, Tshatha Ngobe. Laba engibabalile bangamabutho eSilo kanti futhi bangosopolitiki ngaphandle kukaNgobe.
Nginesiqiniseko sokuthi ukuba iSilo saqoka oyedwa kulaba kwakuzosuka okukhulu ukukhuluma ngoba sengathi niyahluleka ukuhlukanisa ipolitiki nombuso kaZulu. Kungaba elikhulu iphutha uma isifundazwe sethu sisenabanumzane nezinsizwa zamabutho kaZulu ezilawulwa yimizwa yepolitiki. Namanje ngiyaphinda ngoba kuyacaca ukuthi akuzwakalanga kahle.
UBhejane akaze asifundise lutho ngepolitiki. Yingakho ubesabisa osopolitiki bonke ukuthi uma behluleka ukunakekela abantu bakhe uzotshela abantu bengavoti. Ngizalwe ngakhula ngaphansi kombuso kaMdlokombane, ngakho-ke imibono yami mayingamataniswa nepolitiki ngoba alikho iqembu lepolitiki elingibhalise njengelungu lalo, nginobulungu bePirates kuphela.
ME Biyela KWAZULU-NATAL