ISINQUMO sokuncishiswa kwezigwebo zabatholwa benamacala angenzima kakhulu, sikaMengameli Cyril Ramaphosa, simangaze abaningi. Iningi lizibuza ukuthi kanjani, kubhekweni ngaphambi kokuthathwa kwalesi sinqumo? Singakhohlwa yisikhathi esikhishwe ngaso.
Sokhumbula ukuthi naseBhayibhelini ukhona umlando okhomba ukuthi abaphathi bezwe babekwazi ukwehlisa izigwebo, baxolele, bakhiphe nalabo ababenze okubi. Nakulesi sikhathi esiphila kuso lokho kusekhona. Nakhu kwenzekile ezinsukwini esiphuma akuzo.
Baningi abakhalile ngalesi sinqumo besola ukuthi sengathi sithathelwe ukuvuna nokuqinisekisa ukuthi uwayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma akangagqunywa ejele njengokomyalelo weNkantolo yezoMthethosisekelo.
Abanye bayasincoma lesi senzo, bathi kube wubuhlakani, bekhala ngokungabi khona bobulungiswa ezinqumweni ezithathwa yinkantolo, ikakhulukazi uma kuza kuZuma, abanye besathuswa izibhelu zokutapa ezitolo okwashiya umnotho ugqemeka engiqiwa ntwala, imisebenzi iphelile nabanye beshonile.
UMnyango wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo ucacisile ngalo myalelo kaRamaphosa, wathi safakwa kuwona ngenyanga u-Ephreli emuva kokubona ukugcwala kuphuphume emajele, bathi uma kungehliswa kancane izigwebo, kungathi ukwehla ukugcwala ngenxa yabazophuma bekhishwa yilesi siphakamiso esikhethekile.
Kodwa kwenzekile nje ukuthi lesi sinqumo sizophuma kanti umphathi wamajele ubesenze esakhe isinqumo sokugcina isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo.
Inkantolo ike yakubheka lokho emuva kokuthi iDemocratic Alliance nabanye bephonsele inselelo isinqumo sikaMnuz Auther Fraser owayengumpathi wamajele phambilini, sokukhipha uZuma ngoshwele wokugula kakhulu.
Lusukaphi lolu daba:-
Asikwazi ukuqala lolu dala singadlulanga ekumenyweni kukaMsholozi kwikhomishini ekade iphenya ngokuqhwagwa kwamandla oMbuso. Uthe uma engayi kuyona eyiziba, yagijimela enkantolo yakhala ngokuthi iyadelelwa, kwakhishwa isinqumo esithi akaye khona ngenkani.
UMnu Zuma wathi cha andizi, angimethembi oyengamele okuyiNhloko yamaJaji Raymond Zondo. INkantolo yoMthethosisekelo yathi ngoba awuzwa uma sikuthuma sizokuphoqa, sikhipha umyalelo wokuthi hamba uyohlala ejele. Lokho kuzoba yisijeziso sokuthi awulalelanga.
Waboshwa, kwaba khona izigameko zokuthathwa kwempahla nokushiswa kwezinto, wahlala isikhathi wakhishwa ejele nguFraser, wathi cha la ejele kasinazo izinsiza ezizokwazi ukugcina umuntu ogula njengoMsholozi.
Amaqembu aphikisayo aluyisa enkantolo ephonsela inselelo isinqumo sikaFraser, inkantolo yabavumela yathi ukuphuma kwakhe akukho emthethweni, akaphinde ejele, kube wukhomishana wamajele ozobona ukuthi wenzenjani ngesikhathi akade esihleli ngaphandle.
Kuthe esezilethile, wafakwa ngaphansi kohlelo lwasejele, kwafika isikhonzi nomyalezo ovela ezindlini zoMbuso, uthi umengameli usethathe isinqumo sokwehlisa izigwebo zababoshwe ngamacala angebucayi okungewona awegazi.
UZuma wahlomula naye kulolo hlelo waphuma emuva kokuhlala amahora amabili engaphaphathi ejele ngoba naye eyingxenye yabantu abahlomulo ngaphansi kwalo shwele.
Amandlala kamengameli:-
UMthethosisekelo ubeka ngokucacile ukuthi amandla kamengameli athini, amanye awo wukukwazi ukuxolela, ukunciphisa isigwebo nokunciphisa inhlawulo kulabo inkantolo esuke ithe bonile, iyani ejele noma hlawulani.
Isigaba 84(2)J sisho njalo impela kodwa uma umengameli ethatha lesi sinqumo akasithathi ngenhliziyo kodwa ubheka izimo asuke ebhekene nazo. Uthi umthetho kumele aphinde aqiniseke ukuthi zonke izinqumo zakhe zigunyazwe wumthetho, zinomqondo ziphinde zilandele yonke imigudu yemigomo nemibandela okumele ihanjwe.
Akukhona nje ukuthi amandla okuthatha isinqumo unawo bese kuphela kanjalo.
Okungase kube yinkinga :-
Labo abangasithandanga isinqumo, bangakwazi ukucela ukuthi kuphenywe ukuthi kufinyelelwe kanjani kusona, yikuphi okubhekiwe, kwenziwani kwaphinde kwakhulunywa nobano. Konke lokho kube nomthelela onjani, nokuhlomulisa bani ikakhulukazi into ebifanele izuzwe izuziwe yini.
Loku kphenya, nokupeqululwa kwezinqumo kukhomba ukusebenza nokukhula kwentando yabantu eNingizimu Afrika. Bonke abasemagunyeni kumele bakwazi ukumela nokuvikela izinqumo zabo.
Lokho kukhoma ukuthi muningi umsebenzi osasihlalele, wokubhekisisa ukuthi ukuze umthetho usize wonke muntu kumele ubhalwe kanjani nokuthi uhlaziywa kanjani.
Kubonakala sengathi isekude ukuphela impi, sengathi baningi abasazoba wukudla kwezinkantolo. Umbuzo omkhulu uthi kusiza bani ngakho konke lokho nokuthi ubulungiswa obuhluhlomulisa umuntu ompisholo buza nini?