MHLELI: Bekungelula ukubiza omunye umuntu ngebhinca ngoba bekunenkolelo yokuthi umbukela phansi noma umehlisa isithunzi, futhi baningi ababeshintsha ngisho ebusweni uma bebizwa ngebhinca.
Kamuva sezishintshile izinto ngoba amabhinca aseyakuthakasela ukubizwa ngaleli gama futhi aseyakwazi ukuthi asebenzise izinhlaka eziningi ukuthi azithuthukise. Kamuva nje, asesebenzisa umculo kamaskandi ukuzimaketha.
Akekho owayecabanga ukuthi izingoma zikamaskandi zingehlukanisa unyaka oKhozini FM futhi baningi abamangala ngenkathi uKhuzani Mpungose ehlukanisa unyaka esiteshini uMhlobo Wenene. Ngokunjalo noMthandeni SK Manqele wagila izimanga oKhozini.
Konke lokhu kubangwa ukuthi amabhinca aseyazigqaja ngalokho ayikho, yingakho sekunezinkampani eziningi ezisebenzisa amabhinca ukumaketha imikhiqizo yazo ngenxa yokwesekwa abakuthola kubalandeli babo.
Ngisanda kubamba ongezansi ngenkathi ngiwabona kolunye uhlelo lwakwa-SABC olubizwa nge-Cutting Edge. Ngazibuza umbuzo owodwa ukuthi kanti amabhinca asehambe ibanga elide kangaka? Abasalanga ngaphandle oNgizwe umfo kaMchunu, Njabulo Langa, Quality Biyela, Mavundla, nabanye abaqhakambisa ububhinca ezinkundleni zokuxhumana.
Okunye engingakuphawula ukuthi sengathi kwabona ububhinca bufuna umuntu usuthayo ngenxa yezimpahla ezigqokwayo. Konke lokhu ngazibonela ngenkathi bekhuluma no-Ayanda Mbatha, owayemele amabhincakazi, eveza izimpahla ezinegama okuyizinkomba zokuthi ngeke ube yibhinca elikhethekile uma ungena-twa.
Z. Ntombela
E-DURBAN NORTH