MHLELI: YAZE yabuhlungu into eyenziwe ngabantu baseMatimatolo emndenini wakwaMsimango odabeni oluphume kwiSolezwe lango-Agasti 17.
Indaba yokunukana ngokuthakatha kufanele abasemagunyeni okuphatha bayiqede emphakathini abayiphethe ngoba iyisilonda esingapholi nhlobo. Amakhosi, izinduna nazo zonke izinhlaka kufanele bayiqede le nkolelo engenasidingo emphakathini yabantu abamnyama.
Maningi amathuna kubulawa abantu besifazane bengenze lutho kuthiwe bayathakatha. Futhi le nkoleloze embi ivame kakhulu kubantu abamnyama. Akwaziwa ukuthi yangena kanjani kubantu abamnyama. Kodwa kuyavela ukuthi endulo abantu babexoxelana izinganekwane okwagcina ngokuthi abanye bazithathe njengento yangempela.
Ngiyakholelwa kulolo cwaningo. Ngenkathi ngenza ucwaningo ngo-2015 ngendaba yokuthakatha, ngamangala uma ngithola ukuthi iKwaZulu-Natal inezindawo ezingafani ezikholelwa kakhulu ekutheni kunokuthakathana. Ezinye izindawo azikholelwa kangako ekuthakatheni. Lokho kukhomba ukuthi yimfundisoze nje le eyamukeleka ngephutha.
Empeleni le nto yangena kubantu ngokuxoxelwa, namanje idinga ukuqedwa ngakho belu ukuxoxwa. Yize kunobufakazi bokuthi umuntu akakwazi ukuthi angagibela imfene aphinde ahambe ngayo kodwa kunabantu abasakholelwa kuleyo mbudane.
Enye insizwa endala eneminyaka engu-85 yangitshela ukuthi umuntu ofuye imfene kuvamise ukuthi kube ngumuntu wesilisa osuke ezigangela nje kodwa akayigibeli.
Umhlane wemfene uhluleka ngisho ukubeletha ingane yayo. Kanjani-ke ukubeletha umuntu? Lezi nkoleloze kufanele ziphelelwe yisikhathi manje. Abantu abafunde bancintisane nabezizwe, umuntu nomuntu ahubhe amaphupho akhe, uma ungawafici amaphupho akho zibuze wena ukuthi uwahubha ngakho na.
Ungasoli omunye umuntu ngezinselelo zasemhlabeni. Ungazali izingane eziningi uma ungamile kahle ngasemnothweni. Kusasa uma ususindwa umthwalo ozethwese wona uzosola abanye abantu ngento abangahlangene nhlobo nayo.
Izingane uma zibuza isizathu esidala inhlupheko ekhaya, khuluma iqiniso lokuthi wehluleka ukuhlela umndeni, ungabeki amacala nokwehluleka kwakho kwabanye.
Inkinga enkulu esibhekene nayo eyokungayihleli imindeni. Sizala izingane ezikhula zinamagqubu, zisola abantu abangenze lutho ngenxa yakho mzali. Ayikho ingane engathandi ukuba namathoyizi noma ibhayisikili. Empeleni ingane nengane kufanele ibe nalo ibhayisikili phakathi kweminyaka eyisithupha neyishumi.
Indlela abantu abazala ngayo kuyabhuza nje. Zibhema insangu zizincane, zinjalo ziphuza notshwala. Konke lokho kukhomba ukuthi kwayona le nto yokuba ngumzali ayiqondisiswa kahle. Akekho umuntu ophile kahle ongathatha isinqumo sokuba nengane azi kahle ukuthi akakulungele lokho.
Le nto yokuthi izingane zivela kuNkulunkulu yimbudane ehambisana namanga nokungafuni ukuzisola. Lento yokwazisa ukuthakatha kuthiwa ihambisana nokungafundi nenhlupheko kubantu abamnyama.
Nabazali abahlukane nokususa izono kubo baziphushele kwabanye abantu. Umzali onjani otshela ingane yakhe ukuthi kukhona umthakathi kodwa bungekho ubufakazi ngento ayigxisha enganeni?
Sekuyaziwa ukuthi indaba yokuthakatha yinto engekho, inganekwane uqobo. Umlando wokubulawa komuntu okuthiwa uyathakatha ukhomba ukuthi akushintshi lutho kobesola ukuthi uyathakathwa yize umthakathi esebulewe. Kuze kube yena uthatha isinqumo sokuthi ufeza amaphupho akhe ngaphandle kokubheka nokusola abanye abantu abangahlanganise lutho nempilo yakhe.
Yisizwe esinjani esinezingane ezithi zizalwa zibe sezinuka abantu ngokuthakatha?
ME Biyela
KWAZULU-NATAL