ISINQUMO seNkantolo yezoMthethosisekelo ngodaba lombango wamaNazaretha aseBuhleni, esivune abaseThembezinhle, sachitha abaseBuhleni, kumele siphoqe bonke abathintekayo embangweni wezikhundla, emaqenjini wonke, ukuthi babheke emuva emlandweni ukuthi wathini umsunguli webandla, uMphrofethi Isaiah Shembe.
Sibona kuyisikhathi sokuthi wonke amalungu amaqembu abangayo ebandleni alwele ukuthula. Sekulwiwe, kwafa abantu eKuphakameni nasentabeni iNhlangakazi, kwamangalelwana kwaze kwfikwa ekugcineni. Kodwa konke akusizanga, umonakalo uyabhebhetheka. Yisikhathi manje sokubheka emuva emlandweni webandla ukuze uNkulunkulu alethe isixazululo, uma amakholwa esathembele kuyena.
Umlando uthi uMphrofethi waboniswa emandulo ukuthi kuza isikhathi lapho ibandla liyohlukana phakathi. Kuthiwa wathi lokho kuyokwenzeka ngesikhathi sokuthatha komholi wesithathu emva kwakhe. Kuthiwa wathi, phakathi kokunye, inkinga iyoxazululwa ngokuthi kuyiwe eSilweni esiyokhiya indlu ehlala izitsha eziyingcwele eKuphakameni, kulethwe bonke abaholi ababangayo. Umholi okhethwe ezulwini uyobonwa ngokuthi uyokhomba ngomunwe isicabha sendlu yezitsha sizivulekele ngale kokusebenzisa ukhiye.
Inkosi JG “Ilangalamalanga” ekhothame ngo-1976 kuthiwa yaqala yabikezela ngenkokhelo (ukuvivinywa kwamakholwa) ngo-1949 ekubeni yayithathe ukuhola ngo-1935. Kuthiwa wathi kuza isikhathi lapho kuyochitheka igazi eKuphakameni amakholwa elwa wodwa, amakholwa azoyihlubuka yonke imfundiso kaMphrofethi Isaiah. Ngaleso sikhathi kuyoba nezifo ezingalapheki emhlabeni, kuyophela ukuzwana ebantwini nasebandleni, nokunye okuningi okubi athi kuyobonwa ngakho uma uNkulunkulu esesukile ebandleni.
Kuthiwa ILanga lathi ekugcineni, “sekwenzeke konke kodwa thina boShembe siyobuya. Nobengaboni ukuthi kwenzekani eKuphakameni (ebandleni) futhi engenandaba kodwa uyobona.” Kuthiwa wathi kuyobuya ukuthula ebandleni nasemhlabeni, amandla obungcwele ake abonwa ayophindwa kasikhombisa. Sesifikile isikhathi sokubuyisana. Uma lidlula ithuba hleze kube nzima.