MHLELI: Ngicela ungivumele siphindele emumva kancane sibheke obunye ubufakazi obahlaluka eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala lombango wobuholi baseBuhleni.
Ngicabanga ukuthi kubalulekile kakhulu lokhu kuyona inkantolo uqobo, ukuthi ikubuyekeze ngaphambi kokuthatha isinqumo esifanele.
Ngiyazi ukuthi lolu daba lwaseBuhleni lusezithebeni zenkantolo, kodwa angiqondile ukuphazamise inkantolo.
Phela inkantolo ihlala eqinisweni. Makube njalo-ke. Iqiniso alisuswe ngaphansi kwetafula libekwe obala, sigweme umonakalo ongenzeka njengoba abaseThembezinhle bekhala ngokuthi akuphume uNyazi eBuhleni.
NgoNovemba 23, 2011, iNkosi imiSebeyelanga yafakaza ngokudlalela inkantolo umsindo oqoshiwe, lapho kuzwakala khona iNkosi uThingolwenkosazana Shembe ibalisa ngomunye wabafowabo engamgagulanga, osefuna ukuhlwitha isihlalo salo sobukhosi.
Nakhu ukukhononda koThingo kulo msindo owadlalwa enkantolo yimiSebe:
“Umfowethu ngimfundisile esikoleni namuhla unguthisha uyafundisa. Ngithi ngumfowethu ngoba uzalwa ngubaba omdala, umfowabo kababa. Ngimfundisile ngamlobolela umakoti, washadelwa kwabamnandi.
“Kwathi kusenjalo wadlula umakoti emhlabeni. Ngaphinda ngamenzela okufanayo ngokumthathela umakoti wesibili, kwalunga. Kodwa useyangijikela umfowethu manje ngoba usefuna ukungiketula esihlalweni.”
IJaji elaliphethe icala, u-Achmaat Japie, labuza imiSebe ukuthi lwalikhuluma ngobani uThingo? ImiSebe yaphendula ijaji yathi lwalukhuluma ngayo kepha lungaqondile lokho elikushoyo, kepha luqonde ukuyifihla (imiSebe), njengoba amaNazaretha ayesefuna ukuyibulala.
Le mpendulo yemiSebe yashiya imibuzo njengokuthi iyiphikisa ngasiphi isizathu esizwakalayo le nkulumo yoThingo eqoshiwe, ngoba njengoba iqoshiwe, ichaza lokho ekushoyo. Ingubufakazi obuphelele balo uThingo.
IJaji u-Achmaat Japie, labuza imiSebe ukuthi yabe ihlobene kanjani nomuzi wasekuPhakameni? ImiSebe yaphendula yathi kuyikhaya lakubo.
IJaji uJapie laqhubeka labuza imiSebe ukuthi pho ayiyingani khona kulo muzi wakubo wasekuPhakameni? ImiSebe yaphendula yathi iyasaba, isaba ukuthi nakhona izobulawa.
Kushiya imibuzo nalokhu njengokuthi yayizobulawelani?
ImiSebe yalandisa inkantolo ngezigemegeme ezazenzeka eBuhleni phakathi konyaka ka-2000 no-2008.
Ngalesi sikhathi imiSebeyelanga yalandisa inkantolo ukuthi yayisivinjwa eBuhleni, ingavunyelwe ukubona inkosi. Nalokhu kuyawushiya futhi umbuzo othi kungani uma sekumele kungene yona imiSebe esihlalweni, bese indaba eyimfihlo yobukhosi bayo yaziwe ngamaNazaretha?
UJapie wabuza imiSebe ukuthi ngenkathi iNkosi iNyangayezulu ikhishwa ekuPhakameni, yaphuma iphetheni ngesandla sayo? ImiSebe yaphendula yathi yaphuma namasudi ayo kuphela.
Le mpendulo yemiSebe nayo iyayibopha ngoba noma ngingayitholanga inhloso kamehluleli uJapie ngalo mbuzo kepha kuthi angithi wabe ebuza ukuthi “ngoba nayixosha iNyangayezulu kini ekuPhakameni, pho yini oyilandelayo emzini wayo eBuhleni ngoba yabaleka kini ingaphethe lutho ngaphandle kwamasudi?
Obunye ubufakazi obavela enkantolo ngobuthi umfundisi wohlangothi lwaseThembezinhle ongasekho, uMasekeni Gumede, waboleka iNkosi uThingo uR250 000 ukuze iholele lowo owayengummeli wayo, uMnuz Dustan Farrel.
Kulokhu-ke, uthi umbuzo wayengaboleka uThingo imali engaka eyithathaphi? Njengoba ibandla laseBuhleni lilikhulu kangaka nje, kwakungabolekwa kuye imali? Lo fakazi ngabe wayeqonde ukuthi uThingo lwabe lungenayo le mali?
NokaJapie akawuphonsanga lo mbuzo kufakazi, othi: “Ngakube labe selihlupheka yini ibandla ngalesi sikhathi?”
Okunye okwashaqisa nokwashiya imibuzo enkantolo, yisenzo sikalowo owabe engunobhala webandla laseBuhleni futhi engumshumayeli, nosengunobhala nomshumayeli waseThembezinhle, uMnuz Chansey Sibisi, ngenkathi evela enkantolo okokuqala edlubhe isaka lokuvikela izinhlamvu zesibhamu.
Okudidayo ngalesi senzo sakhe ukuthi ngenkathi esevela okwesibili enkantolo, wavela engasaligqokile isaka nokusho ukuthi wayengeke esadutshulwa okanye esadubuleka.
UMnuz Langelihle Dube waseThembezinhle, waveza ukuthi wayengasafunwa uMnuz Chansey Sibisi eBuhleni. Uyazwakala uDube ethi enkantolo ukungafunwa kukaSibisi eBuhleni, kwaholela ukuthi uMnuz BV Mthethwa we-IFP amnxenxe ukuthi aketule uSibisi esikhundleni sikanobhala.
Ngangithi inkantolo izobiza uMthethwa ezoziphendulela njengoba nakhu sekuvela negama lakhe, kwasho ukuthi vele bekuvele ubufakazi obungabalulekile, mhlawumbe, kumehluleli.
UJapie waphinda wabuza u-Adv Findlay wohlangothi lwaseThembezinhle, ngoMeyi 18, 2016, ukuthi uma imiSebe iliwina icala, kungalibekaphi lokho ibandla laseBuhleni?
OkaFindlay wanekela ijaji izandla, wathatha wathi “Konke kusezandleni zenkosi yenkantolo!” Okusho ukuthi inkantolo okanye yena qobo okaJapie, kwakumele aziphendule umbuzo wakhe ngoba yena (Findlay) akanayo impendulo.
Imfihlo yobuholi bemiSebe evezwa nguMnuz Zwelabantu Buthelezi ekugcineni ngosuku lokufihlwa kwenkosi uThingo ngo-Ephreli 3, 2011, ngokuhola ibandla laseBuhleni, kwabe kuyimfihlo eyabe isiyaziwa vele ebandleni.
Lokhu kusho ukuthi sabe sesingasekho isidingo sommeli sokumemezela imfihlo eseyaziwa ebandleni nesiphinde yasusa umsindo esontweni.
Uthi umbuzo njengasezizweni zonke, njengoba ukumenyezelwa komuntu ozothatha ubuholi kumele kube yimfihlo njalo kuze kufike ekugceneni, yimfihlo enjani lena ephethwe nguZwelabantu Buthelezi owayengummeli woThingo, eyabe seyaziwa ebandleni?
Ubeqinisile lowo osebeke izintambo ekukhulumeleni uhlangothi lwaseThembezinhle, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uma ethi ukuba imiSebe ayiwuyekanga umsebenzi wokuba nguthisha, yalandela izindaba zebandla ngabe isaphila. Kimi le nkulumo kaNyambose iphinde ithi ngabe ayikho yonke le nto!
ONGAGCULISEKANGA NGOBUFAKAZI
BASENKANTOLO KWELAKWASHEMBE
E-KZN