MHLELI: Abasakazi boKhozi FM bezwakala bekhihla isililo uma kushone abaculi abathile kodwa futhi bayathalalisa uma kushone abanye. Ayiyinhle le nto abayenzayo, ayisiphathi kahle singabalaleli.
Kushone uMzikayifani Buthelezi; Bhekezakhe Mthembu; Bethwell Ngubane; Lemmy Special Mabaso; Maxwell Mngadi; Pat Shange; Thisha Nzuza; Indoda engaziwa; Mazambane; Themba Ngwenya; Vusi Shange; Supa Africa; nabanye abaningi, Ukhozi FM kaluzange lusho lutho.
Kodwa uma kushone abaculi abathize ababathandayo bona njengabasakazi bavele bakhulume ngabo emoyeni baze badlale izingoma zabo, bavule nezingcingo ukuze abalaleli baphawule ngabo. Yiyona le nto abayenzayo njengamanje njengoba kushone uBulelwa Mkutukana odume ngelikaZahara. Bayakhala kodwa kabakhalanga kwengibabale ngenhla nabanye abaningi. Ukhozi alwenze okufanayo kubo bonke abaculi.
Ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini kaZahara, izihlobo nabangani nakubathandi bomculo. Nilale ngenxeba. Alwehlanga lungehliyo!
Silahlekelwe sonke embonini yomculo. Bengimthanda kakhulu uZahara ngoba ubenekhono lokudlala isigingci aphinde acule. Akunoma ubani ongenza le nto ebiyenziwa yintokazi yase-East London. Ulale kahle qhawekazi lethu, siyohlale sikukhumbula ngemisebenzi yakho emihle kwezomculo!
Dkt Zwelithini Leo Sibisi ESIPHINGO