MHLELI: Sekuyisikhathi sokuthi bamkhalime uNobhala jikelele uFikile Mbalula eqenjini uKhongolose. Indlela aphethe ngayo isikhundla sakhe imenza azibone enamandla ngaphezu kwamalungu onke.
Uzibona enamandla okuthatha zonke izinqumo, kanti akwenzayo kuyingozi ngoba neqembu lakhe lihlehlelwa zikhuni njengoba seziphumele obala izingwevu osekuneminyaka ziwa zivuka neqembu engakazalwa zithi azisalethembi leli qembu, kodwa usekhwela edilika kuzona.
Sambona uMengameli Cyril Ramaphosa mhla ephawula ngokwesula enhlanganweni kukamakadebona uMavuso Msimang okwakuthi uma umbheka emehlweni kubonakale sengathi kade ekhala. Zolo lokhu usephumela obala owaKwaDakwadunuse uMsholozi ememezela ukuthi ngeke ayikhankasele i-ANC okhethweni lwangonyaka ozayo. Nakhona lapho owakwaMbalula uphansi phezulu ubabeka amabala, kuyaxaka-ke nokho ukuthi uwuhlobo olunjani lomholi ngoba zonke lezi zingwevu zingoyise ngokwesintu senhlonipho esinayo thina abansundu.
Kunesidingo sokuba bamcathulise ngoba ubukeka kwamsebenzi wakhe engawazi. Yena kumele adlulisele emphakathini konke okusuke kubhungwe ngakho ezinhlakeni zobuholi beqembu kodwa kumanje ubukeka ezigixabeza ngamandla angagunyaziwe yinhlangano yakhe. Ngamanye amagama useyithathisa okwesitodlwana sakhe.
Akungethusi-ke nokho mina akwenzayo ngoba naphambilini ngake ngaphawula ngaye ngathi i-ANC uzoyihlakaza. Angithi samuzwa phambilini ethi zizogcwala udaka kongqongqoshe abahuqa ubuthongo bengawenzi umsebenzi, ubukeka esethatha namandla kaMengameli Ramaphosa imbala.
Iyaxaka yonke le ntsha yamaqembu epoliltiki ngoba yonke ilobizela ukuketula abadala ekuholeni izwe lethu. Kuyakhomba ukuthi leli lizwe lisazongena kwelimnyama ihlathi lapho khona kuzobaleka ngisho abatshala imali ngokuvula amabhizinisi ngoba phela bamane baphahluke bakhulume noma kanjani. Abekho abangatshala imali yabo ezweni eliyobe libuswa ngosikhwili phambana nobhoko.
Lukhulu luyeza luyanyelela, kusekuncane esikubonayo ngisho ngoba phela kwakhona manje izwe lethu liwe bhu phansi kwezomnotho. Yonke iminyango kahulumeni kwibhajethi yabelwa imali encishisiwe. Ukuthi mali ndini uncibilike njengeqhwa sekuza ukhetho ngonyaka ozayo ushonephi uSathane kuphela owaziyo.
Sengathi kumele bamkhalime uMbalula bamkhumbuze ukuthi leli bhanoyi abalilawulayo sekusebenza injini eyodwa kulona ekubeni lindizela emajukujukwini selingase liphahlazeke noma nini kungaphumi noyedwa oyokumphonsa umbalane.
Okunye okumele akwazi ukuthi inkosana noma indlalifa ayizibeki kodwa iyabekwa ukuze ifundiswe kahle ukuthi kulindelekeni kuyona ukuphatha ikhaya nokuhlanganisa umndeni ube yimbumba. IsiZulu sithi ubude abuphangwa siphinde sithi inyathuko noma indlela ibuzwa kwabaphambili.
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE