INHLANGANO yezokuVakasha eNingizimu Afrika yethule umkhankaso omkhulu wokumema nokuheha izivakashi ngesiqubulo esithi, "iNingizimu Afrika ikulindele- Woza uzothola injabulo yakho!" ngenhloso yokuqhakambisa ubuhle, amasiko nezindawo zekhethelo.
Lo mkhankaso wethulwe ngesikhangiso sekhethelo esibonisa ubuhle bezwe lakuleli ngokuqhakambisa izinto ezibalulekile njengamasiko, imvelo, ezobumnandi, kanjalo nobukhazikhazi obutholakala ezifundazweni ezahlukene.
ISA Tourism isebenze ngokubambisana nenkampani ehamba phambili kuleli ekukhiqizeni izikhangiso i-Avatar. UPhil Ireland, oyiChief Creative Officer uthe bebefuna ukwenza isikhangiso esihlukile kunezikhangiso ezijwayelekile zokuvakasha, into ethinta imizwa. "Sikhethe ukubonisa injabulo emsulwa, isimanga sangempela esigqamisa ubuqiniso besimo njengoba sinjalo ngeso lengane,” kusho uPhil Ireland.
Lesi sikhangiso sibonisa uhambo lwezivakashi ezifundazweni ezahlukene zivakashela zibona izidawo ezinhle eziqhakambisa usiko lobumnandi kusuka endaweni ethandwa kakhulu esiphithiphithini saseGoli, iMaboneng. Le ndawo yaziwa ngezitolo ezahlukene zomswenko wabasiki bengqephu, izindawo zokudlela ezivame ukumema abaculi futhi kuyaye kwenziwe namakhonsathi obumnandi emgwaqweni kuhlanganyele bonke abanikazi bamabhizinisi endawo kujatshuliswe izivakashi.
Isikhulu sezokumaketha kwaSA Tourim uThembisile Sehloho sithe lo mkhankaso ungaphezu kwesimemo sokuvakasha - kuqinisekiswa isikhundla seNingizimu Afrika njengendawo ehamba phambili emhlabeni kwezokungcebeleka, amasiko, kanye nokuzijabulisa. Uhambisana kahle nombono obanzi wezokuvakasha waseNingizimu Afrika wokufukula umnotho nokuthuthukisa imiphakathi yakuleli ngezokuvakasha.
"Umkhankaso wethu ungaphezu kokukhombisa ubuhle bemvelo, umayelana nokuxoxa indaba yaseNingizimu Afrika eyiqiniso, yezimpande ezijulile ngokugqamisa ubantu, amasiko kanye nobuciko bethu, sinikeza umhlaba uhambo olujulile nolunenjongo ngobuhle bomlando wethu,” kusho uSehloho.
Ngaphezu kokuqhakambisa ubuhle obuzobonwa yizivakashi, kodwa le nhlangano yazibekela umgomo ka-2030 wokuheha izivakashi eziyizigidi ezingu-15 njalo ngonyaka. Lo mkhankaso uzosatshalaliswa emhlabeni wonke emasontweni azayo.