UZODALA amathuba emisebenzi engaphezu kuka-3 000 umkhakha wezokuvakasha KwaZulu-Natal njengoba kunenqwaba yezinhlelo zengqalasizinda ka-R9.4 billion.
Lezi zindaba zivezwe wuNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane obekhulumela uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma emcimbini wokuvula i-Africa’s Travel Indaba ne-Tourism KwaZulu-Natal.
Uthe inkampani edumile yezokuvakasha iClub Med Resort izokwakha indawo yezivakashi eTinley Manor, bese kwakhiwa kahle iBabanango Game Reserve kube nendawo yomdlali wegalofu u-Ernie Else ezoba seZimbali nezinye.
“Lezi zinhlelo zikhombisa ngokusobala ukuthi iKwaZulu-Natal iheha abatshalizimali okusho ukuthi ikulungele ukwamukela nabanuye abaningi.
“Sizimisele ukusebenzisana nosomabhizinisi ukuthuthukisa isifundazwe sethu. Kuyimanje sidinga umuntu ozokwakha indawo esezingeni yezivakashi ezoba seSimangaliso Wetland Park ngoba sizimisele ukuthi umkhakha wezokuvakasha udale amathuba emisebenzi,” kusho uNksz Simelane.
Uthe ezokuvakasha zibalulekile ngoba zidala amathuba emisebenzi nalapho kungekho khona izimboni.
UMnuz Olivier Perillat oyisikhulu esiphezulu seClub Med Resort, uthe indawo yabo ezoba seTinley Manor izovulwa ngoJulayi ka-2026.
Uveze ukuthi batshale uR2 billion kanti izodala amathuba emisebenzi eyi-1 200 ngesikhathi yakhiwa, abe wu-800 uma isisebenza bese kwakheka namanye awu-1500 azovela kweminye imikhakha encike kule ndawo.
Izobe inezindawo zezivakashi ezigudle ulwandle kanti abayihambelayo bazobuye bahanjiswe eziqiwini beyobona izilwane zasendle nemvelo.
Uphethe ngokuthi maningi amathuba ezinkampani zokuvakasha azoba khona, wacela osomabhizinisi bakuleli ukuba basondele kubona ukuze basebenzisane.