‘NGITHI angikugcizelele ukuthi singabantu abasha abafundile, akumele sihlale dekle phansi ngoba nakhu sithi silinde ukuqashwa, kunalokho asithuntuthe amathalente ethu - sisebenzise wona ukuze siziphilise.’
Lawa ngamazwi kaNksz Snenhlanhla ‘Nenene’ Khumalo waKwaSishwili, Olundi, awasho echaza kabanzi ngokusunguleka kweNenene’s Boutique, inkampani yakhe eyenza imisiko yengqephu ayiqale kulo nyaka.
UNksz Khumalo (23) oneziqu iBachelor of Arts in Music ne-PGCE akuphothule eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngo-2020, uthe ukufuna umsebenzi awufundele unyaka wonke odlule engawutholi, kwenze wakhumbula ithalente lakhe leminyaka.
“Yilapho-ke engakhumbula khona ngothando engangivele nginalo lwemfashini. Ngibe sengiya eNdonsa Arts and Craft Centre, khona oLundi - lapho engifike ngacijelwa khona ukuthunga nokunye okuhambisana nakho mahhala.
“Ngisebenzise ulwazi engiluthole kulesi sikhungo ukuqala iNenene’s Boutique ngoJulayi. Ngiqala bengithungela abafowethu ekhaya namalungu ebandla engikhonza kulona, angibange ngisabheka emuva ngenxa yokunconywa yibona,” kuchaza uNksz Khumalo.
Uthe nakuba engeke awuyeka umsebenzi awufundele uma eba nenhlanhla yokuwuthola, kepha usefuna ukuhamba ibanga elide ngokusika ingqephu, agcine esaziwa nakwamanye amazwe - akhuthaze netsha eza ngemuva kwakhe ngomsebenzi wakhe omuhle.