ILEBULI yabesifazane abondlekile ngomzimba ithungatha abakhangisi bengqephu abondlekile abazokhangisa imisiko efakelwa izitolo ezinkulu kuleli. IPlus Fab ka-Ouma Tema ithungatha abesifazane abondlekile ngomzimba abazinze eGoli abazokhangisela iPlus Fab imisiko yayo etholakala nasezitolo zase-The Space ezifundazweni ezahlukene.
U-Ouma usememezele ekhasini lakhe ukuthi kumele kube ngowesifazane ogqoka usayizi 44 emzimbeni nokuyibona osayizi egabe ngabo iPlus Fab. Owesifazane odingwa iPlus Fab ozethembayo futhi ongasabi nangomzimba wakhe uma esethwetshulwa izithombe ekuzokhangiswa ngazo. IPlus Fab idume kakhulu nangokugqokisa osaziwayo abondlekile ngomzimba okubalwa abethelevishini, imisakazo, osopolitiki nosomabhizinisi.
U-Ouma umemezele ekhasini lakhe lakwiFacebook ukuthi okubalulekile ukuthi umuntu athumele izithombe zakhe ezintathu eziphihle ngemisiko ehlukene. Mayelana neminye imininingwane ungayithola ekhasini lakwiFacebook elithi Ouma Tema at Plus Fab. Kusasa usuku lokugcina lokuthumela. U-Ouma ngo-2019 wahlabana ngendondo yezamabhizini yokuba ngusomabhizinisi wonyaka.