UKUSHISEKELA ukusebenzisa imfashini ukubumba izinhlanga ezahlukene zaseNingizimu Afrika, nokubeka eqhulwini amagugu esizwe kwenze inkampani iHollywoodbets yethula ingqikithi yonyaka yomcimbi womjaho wamahhashi iHollywoodbest Durban July, i-Marvels of Mzansi.
Lokho kuhlaluke izolo ngenkathi inkampani inesithangami sabezindaba lapho yethule ingqikithi, eyichaza ngokuthi iyisusela ekuqapheleni ukuthi ukubumbana kwezinhlanga ezahlukene ezweni kuyasiza. Ithi lokhu kwenzeka ngenkathi iqembu lesizwe lombhoxo linqoba iNdebe yoMhlaba ngo-1995, nangenkathi iqembu lesizwe lebhola lezinyawo iBafana Bafana lidla umhlanganiso we-Africa Cup of Nations ngo-1996.
Isikhulu sophiko lwezokumaketha eGold Circle, ehlela umcimbi uMnuz Stephen Marshall sithe: “Ukuziqhenya kwethu ngamagugu namasiko ezwe lethu kungale kwezemidlalo kuphela, yingakho siza nento ezokwenza ukuthi kuqhakambe futhi kuqhubeke nokuveza amakhono namathalente emfashini.”
Imenenja yophiko lwezokuxhumana eHollywoodbets uMnuz Devin Heffer, ithe umcimbi akuwona owomjaho wamahhashi kuphela, uqhakambisa amasiko ehlukene ngemfashini okuzosiza ukwakha nokuqinisa ubudlelwano ebantwini.
“Le ngqikithi sibone kuyiyona ehambisana ngokuphelele nalo myalezo esizowedlulisa. Nyakenye umcimbi usingathe abantu abalinganiselwa ku-40 000, okusize ukungenisa uR717 million emnothweni weTheku. Kwasiza nangokubeka eqhulwini iTheku, ukuthi liyindawo ephambili yezokuvakasha nethuthukisa umnotho wezwe. Nakulo nyaka sizoqhubeka lapho esagcina khona ngonyaka odlule ngalo mcimbi,” kusho uHeffer.
Umcimbi wakulo nyaka uzoba ngoJulayi 5, eHollywoodbets Racecourse, eGreyville, eThekwini. Amathikithi okuthamela umcimbi azoqala ukuthengisa ngo-Ephreli eTicketpro.