IJAZI ngomunye wemisiko ebalulekile ihlobo nobusika ngoba uma kubanda, kunetha, liguqubele, wonke umuntu uziphihla ngejazi lakhe.
Imvamisa amajazi amaningi ahamba nezitayela ezingena ziphuma minyaka yonke. Ongoti bathi ukuhambisana nesitayela yinto enhle nekhombisa ukufundiseka ngemfashini kodwa akuzona zonke izitayela ongagxila kuzo.
Ungoti wezemfashini, uNkk Slungile Mokoena, weSluvin Designs uthe izitayela zamajazi aziyi ngaezinkathi zonyaka ngoba ayinto okwazi ukuyigqoka noma kunini, ngakho noma ulithenga kumele ungagxili ezitayeleni.
"Ungabheki izinto ezingenisile esitayeleni ngoba kazihlali ngokwemfashini. Ngisho umbala awuthengi ngoba kudlisa wona ngaleso sikhathi ngoba awazohlala ngonyaka olandelayo uzobe sewuzenyeza phakathi kwabantu.
“Nendwangu iyakunikeza umhlahlandlela ngoba ziyehluka lezi zezitayela ezisheshayo nezisuke zizohlala isikhathi eside," kusho uNkk Mokoena.
Eqhuba uNkk Mokoena uthem, ngokwezemfashini, izitayela zamajazi aziziningi kakhulu nokwenza kube lula ukuthola osithandayo nesingakulondoloza iminyaka.
"Kulula ukusebenzisa izindwangu ezizosheshe ziphume kodwa uma ukhethe kahle uyakwazi ukuligqoka iminyaka eminingi ijazi lakho. Indlela athungwa ngayo amajazi kushintshwa kancane isitayela kwesisuke sikhona ngoba kaziziningi izitayela zawo.
“Into ebalulekile wumbala nendwangu esetshenziswayo," kusho uNkk Mokoena.
Ephetha uthe ijazi lithi alifane nezinye izitayela lihle kakhulu uma uzoligqokela imibala ezolenza ligqame noma ufaka imihlobiso ingabi yihaba.
Uhlobo lwezicathulo njengama qhoks, ama-boots namateku nakho kuyalenza ijazi lakho libe sesitayeleni esihehayo.
UNkk Mokoena uthe okuhle ngamajazi wukuthi uyakwazi ukulisebenzisa ngezindlela ezehlukene, uswenke ngalo emcimbini, uligqoke uyokwenza igilosa, ulifake emsebenzini noma uzikhipha ngosuku olubandayo.
Lokhu nakhona kulekelelwa kahle wuhlobo lwendwangu yejazi lakho njengoba kukhona elifudumala ngokweqile ongeke waligqokela imvula, kanti akhona nakwazi ukuhambisana kahle nesimo sezulu esingafani.