UBUYE ngezinkani umcimbi womjaho wamahhashi oyintandokazi eThekwini, nalapho ubumnandi buzokapakela nasemalokishini.
Lo mcimbi obuguqe iminyaka emibili ngenxa yokubhebhetheka kobhubhane iCovid-19, wethulwe ngokusesikweni namuhla eRadisson Blue Hotel, yiMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda.
UKaunda uthi lo yiwona mcimbi ozothatha ezosimamisa kakhulu imboni yezokuvakasha ngoba kulindeleke ukuthi uhehe izinkulungwane ezilinganiselwa ku35 000 zabantu kuleli dolobhakazi.
Uthi ngokubambisana nabahleli balo mcimbi, babone kukuhle ukusondeza izindawo zobumnandi ezisemalokishini, zingasali ngaphandle. Kukhethwe izindawo ezinhlanu ezisemalokishini ahlukene ngaphansi kwalo masipala ezizosakaza bukhoma lo mcimbi.
“Izindawo ezikhethiwe ukusakaza bukhoma konke okuzobe kwenzeka eGreyville Racecourse iMagaba Lounge, Max's Lifestyle, Maqaqa Lounge, Under The Moon neMojo's Carwash and Shisanyama,” kusho yena.
Kulo nyaka, iDurban July ithole abaxhasi abasha nokuyinkampan e eyaziwa kakhulu kwezemidlalo, iHollywoodbets. Ngokusho kwenhloko yezokusebenza kule nkampani, uNksz Sandisiwe Bhengu, isiteki somjaho omkhulu sihleli kuR5million.
“Kulo nyaka, isiteki siphindwe kabili sisuka kuR2 million saya kuR5million. Ngale kwesiteki somjaho, kuningi okunye esesikwenzile ukuthokozisa abathandi bomjaho.
“Kukhona nemoto esiyikhangisa enxanxatheleni yezitolo iGateway njengamanje. Ngosuku lomcimbi, izoba nomnikazi omusha ozohamba ngayo esesuka emcimbini omkhulu,” kusho yena.
Uqhubeke wathi ubumnandi ngeke kugcine ngoMgqibelo kuphela, kodwa kuningi okuhleliwe.
“Lo mcimbi ungaphezu nje komjaho wangoMgqibelo. Uma uhamba emgwaqweni omkhulu uFlorida noma uChartwell, kusukela ngoLwesithathu olwedlule, uyabona ukuthi kuningi okuhleliwe nakhona. Kukhona nekhonsathi ye-Fact Durban Rocks futhi zizobe zibuya eMax’s Lifestyle eMlaza, ngeSonto.”
Abasalanga ngaphandle nabasiki bengqephu abazobe bekhangisa imisiko yabo kulo mcimbi othandwa kakhulu ngezitayela ezinhle.
UKwenzi Nkomo, intokazi engumsiki wengqephu umnikazi wenkampani @indonifashionhouse ubonga uMasipala ngamathuba avulekile ngenxa yezinhlelo ezahlukene zokuthuthukisa umsebenzi wabo. 📷 @NduNhlapo #HollywoodbetsDurbanJuly pic.twitter.com/R4N7GhuLH4
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) June 28, 2022
UKwenza Nkomo oyintokazi esineminyaka ikhangisa kulo mjaho nesizakhele udumo kule mboni, ithi ikuthakasele kakhulu ukuba yingxenye yalo mjaho.
Ngale kokukhangisa, umsebenzi wakhe emicimbini efana nalena, ungomunye wosomabhizinisi ababenenhlanhla yokutonyulwa yisitolo esikhulu i-Edgars ukuba umsebenzi wakhe udayise khona.