KUSHIYANA ukwenza kwabesifazane abayingxenye yomdlalo wengqephu yamadilozi oqalwe ezinkundleni zokuxhumana. Lo mdlalo oqale sakudlala owesifazane oyedwa obefake idilozi emabeleni sakulenza ubhodisi. Emuva kwalokho kube sekungena nezinye izintokazi sekuqhudelwana nangohlobo lwamadilozi.
Iningi lawo liqale ngezinga eliphezulu njengoba bekugadlwa ngohlobo lwamanethi okungamadilozi ayizisefo ezahlukene. Yikho lokhu osekwenze le ngqephu yathatha abaningi nabesilisa abawulandelayo lo mdlalo. Awugcini nje ngokudlisa kuleli kodwa nakwamanye amazwe bachazekile njengoba bewulandela.
"Yingakho iNingizimu Afrika iyizwe elikhulukazi,"kusho Popolanpo.
"Uma amabele akho emile futhi ezogcwala idilozi kulungile, ngeke kuhambe kahle uma ezoputshuka," kusho uNokofio.
Yize kunjalo sebekhona nabaphenduke ihlaya ngokushaya eceleni njengoba befaka amadilozi ahluke kakhulu kulesi sitayela. Lo mdlalo usalokhu uqhubeke njalo nokungeminye yemidlalo ehamba phambili kwezokuxhumana kulezi zinsuku.