BAKHALE bemuka nesamba semali engaphezu kukaR500 000 osomabhizinisi bemikhakha ehlukene abaklonyeliswe emcimbini weDurban Business Fair Excellence Awards.
Kulo mcimbi obuseDurban Exhibition Centre, eThekwini ngoLwesihlanu, kuklonyeliswe osomabhizinisi bemikhakha yamabhizinisi asezigabeni ezehlukene abawu-23, ngokwehlukana kwemikhakha abakuyo.
Ethula inkulumo emcimbini, uSihlalo wekomiti lwezokuThuthukisa uMnotho eThekwini, uMnuz Thembo Ntuli, ubongele bonke abanqobile nabathole imiklomelo ehlukene ngomsebenzi wabo omuhle.
“Abanqobile bazohlukaniselana le mali etshalwe wuMasipala weTheku, kubalwa nezinsizakusebenza zokuthi bafukule amabhizinisi abo. Siyazibophezela ngokuqhubeka seseke osomabhizinisi abasafufusa ukuze babe wusizo ngokwandisa amathuba omsebenzi emphakathini,” kusho uNtuli.
Kuphinde kwaklonyeliswa nabasiki bengqephu ngaphansi kweDurban Fashion Fair (DFF) Recognition Awards.
Emkhakheni we-DBF Excellence Awards bekuneminxa emine, abanqobe kuwona bahlabane ngoR50 000 umuntu ngamunye. Kowokuqala okuyi-SMME Excellence Award kunqobe iMthuqasikababa Enterprise, kwathi iCeno Tech yakhala yemuka nesicoco seYouth Owned Business. I-June D inqobe kwiRural/Township Based Business, kwathi iTakkie Town yanqoba iWomen Owned Business Award.
Emunxeni weLion’s Den bekunemikhakha emithathu. Kowokuqala we-Emerging Business kunqobe iLuhnyezi Farming, yahlabana ngoR20 000, kwathi Isipheko Cakes yathola uR10 000.
I-KK Refrigerator Rentals idle umhlanganiso kwi-Established Business, yathola uR30 000, kwathi olale isibili iLitkean yathola uR20 000. I-XTLS Dreadlocks ihlabane ngoR40 000 we-Entrepreneurship Excellence, kwathi Insika Interiors yathola uR30 000 endaweni yesibili.
Nabemisiko emihle abasalanga ngaphandle. I-Sista Felas neVictor Fashion King bahlabane ngoR15 000 ngamunye ngomsiko omuhle wabesifazane nowabesilisa. I-Sista Felas yiyo futhi ethole uR15 000 weDurban Designer of The Year.
UMartin John Bespoke unqobe iFashion Innovation Award, obese kungokwesihlanu. UMita N Deyznz uthole uR15 000 weCollection of The Week, kwathi uZola Ndlovu wathola uR15 000 weDurban Designer of The Year.
Kwi-DFF Rising Star kunqobe uBonisiwe Ndlovu, wathola uR15 000, uZandile Myeza endaweni yesibili uthole uR10 000 noNelisiwe Dlamini othole uR5 000 endaweni yesithathu.
Konobuhle abakhangisa ngengqephu, kunqobe u-Owethu Okwami Khuzwayo noLungile Kowa, bathola oR5 000 ngamunye. I-Duke Clothe Your Soul ithole uR10 000 weDFF Special Recognition.