USUKU lwezithandani luthathwa njengolubalulekile kubantu abaningi emhlabeni jikelele.
Izinkulungwane zezithandani zisebenzisa usuku ukuvuselela uthando futhi zibonisane ngezenzo ukuthi zithandana kangakanani.
Wusuku lapho izithandani ziphana ngezipho, ezinye zithenga izimoto, ezinye kuba yizimbali noshokoledi, ezinye zisebenzisa suku ukwenza izethembiso zomshado. Konke kuya ngamandla nephakethe lomuntu ukuthi ligcwele kangakanani.
Esikhathini samanje kuncane ukudideka ngokuthi ungasenzelani isinqandamathe sakho ngalolu suku ngoba izikhangiso zisuke zithe chithi-saka yonke indawo ukulekelela basuke bengazi bazobenzelani odali babo.
Amahhotela avame ukuhlobisa amagumbi okulala, ubone kunemibhalo ehlukene emibhedeni eheha abazolala.
I-Magalies Park Resort. ngezinye zezindawo ezithandwa kakhulu kuleli yizithandani nemindeni. Bavamisile ukubekisa indawo yokulala kwiresort ngoba inezinto eziningi zokuzithokozisa nokuchitha isizungu.
UNkk Jane Motsheki, ongumphathi emnyangweni wokuhlanzisisa , uthi abasebenzi bakhe bayazi ukuthi kuwo wonke amagumbi abawahlanzayo kumele baqinisekise ukuthi bahlobisa kahle emibhedeni.
“Usuku lwezithandani luvame ukuba matasa kakhulu ngoba baningi abantu abasuke bebhukhile, nathi-ke sizama ngakho konke okusemandleni ukwenza amagumbi okulala abe mahle,” kusho yena.
Uthi kwesinye isikhathi izithandani ziyaye ziveze ukuthi zibungaza izinsuku ezikhethekile, njengosuku lomshado noma abaqala ngalo ukuthandana. Bayaye bathi thasi ngombhalo obahalaliselayo ukuze bazizwe bebalulekile.