IZINKULUNGWANE zezithandani zisebenzisa uSuku Lwezithandani ukuvuselela uthando futhi zibonisane ngezenzo ukuthi zithandana kangakanani.
Wusuku lapho izithandani ziphana izipho, ezinye zithenga izimoto, ezinye kuba yizimbali noshokoledi, ezinye zisebenzisa suku ukwenza izethembiso zomshado. Konke kuya ngamandla nephakethe lomuntu ukuthi ligcwele kangakanani.
Esikhathini samanje kuncane ukudideka ngokuthi ungasenzelani isinqandamathe sakho ngalolu suku. Phela, izikhangiso ziwuchithi-saka yonke indawo okwamanani aphansi, amasu okuzenzela okuhle ekhaya kanjalo nobukhazikhazi.
Amahhotela, njengamanye amabhizinisi agxile ekuthokoziseni abantu, angaphansi kwenkulu ingcindezi yokukhipha unyawo aqinisekise ukuthi lolu suku luba ngolukhethekile.
Ubona ngemihlobiso kusukela endaweni yokubhalisa, kuba khona oshokoledi, iziphuzo ezifudumeza igazi nezimbali zekhethelo. Amahhotela amakhulu anama-Spa avame ukuba nezipesheli zokuwotawota umzimba ngamanani aphansi uma nihamba ngababili.
I-Magalies Park Resort eseHartbespoort Dam, eNorth West, izinze ngaphansi kwezintaba zaseMagaliesberg. Kuthatha imizuzu ewu-40 ukufika kule ndawo uma usuka eGoli, Iseduze nesikhumulo sezindiza iLanseria, okwenza kube lula ukufinyelela kuyo ngisho usuka kwesinye isifundazwe. Izungezwe yizindawo zezimpunyela njengePeacanwood, neSchoemansville, okwenza ubone ubuhle bodwa nobukhazikhazi beHarties ungakafiki naseMagaliespark. Le ndawo inezindlu ezingaphezu kweziwu-100 ezilala abantu abane kuya kwabayisithupha futhi inezindlu ezingamahhotela ezifanele izithandani. Lo dedangendlale uyintandokazi yabaningi, ungafika nesithandwa sakho, umndeni noma abangani abahamba ngabodwana ngenxa yezinhlelo zakhona zokungcebeleka. Abathanda ezemidlalo bajabula bodwa ngoba kwamukelwa izinkakha zegalofu, netball, volleyball nemidlalo yasemanzini ngoba isonqenqemeni lwedamu. Wena nesithandwa sakho ningathokozela uhambo ngesikebhe, ukuziwotawotwa eSpa noma ubumnandi endaweni yokudlela nicula ikareoki. Abanye bavamise ukubekisa indawo yokulala kwi-resort kusenesikhathi ngoba kuhlale kugcwele yingakho abaphathi bakhona bezicebisa kanjalo izivakashi ukuthi zenze okufanayo zigweme ukuphoxeka.
UNkk Jane Motsheki, oyinhloko yeHousekeeping kule ndawo, uthi abasebenzi bakhe bayazi ukuthi kuwo wonke amagumbi abawahlanzayo kumele baqinisekise ukuthi imibhede bayihlobisa kahle bavuvuzele izimbali. Baqinisekise nokuthi bayazigcina izicelo ezikhethekile zezivakashi.
“Usuku lwezithandani luvame ukuba matasa kakhulu ngoba baningi abantu abasuke bebhukhile, nathi-ke sizama ngakho konke okusemandleni ukwenza amagumbi okulala abe mahle,” kusho uNkk Motsheki.
Uthi kwesinye isikhathi izithandani ziyaye zibungaze izinsuku ezikhethekile, njengosuku lomshado noma usuku ezaqala ngalo ukuthandana, ngakho siyaye sithi thasi izipho ezincane njengoshokoledi, ibhodlela lewayini nemilayezo ekhethekile esibashiyela yona emagumbini abo.